
Owe-Orlando Pirates uvuma umgodi abawuvulelwe yiRichards Bay
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou usevumile ukuthi iRichards Bay ibavulele umgodi omubi nongase ungcwabe izifiso zabo ngesicoco seBetway Premiership.
IPirates – ebivutha amalangabi ngaphambi kwalo mdlalo wangoLwesihlanu – ifike yabhakwa eMhlathuze Stadium ibambana ngo 2-2 neRichards Bay.
AmaBhakabhaka alahle amaphuzu abalulekile kulo mjaho, futhi kungenzeka sekuwukuhluleka kwawo kulempi eshubile yesicoco seligi.
Njengamanje i-Orlando Pirates isahlezi endaweni yesibili ngamaphuzu angu-55 ngemuva kwemidlalo engu-24.
Nokho isilele kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili ngephuzu ekubeni lezi zinkunzi zaseChloorkop zisele ngomdlalo owodwa.
U-Ouaddou uvumile ukuthi iqembu lakhe aliphumelelanga kulokho obekulindelwe kulo, ikakhulukazi ngemuva kokwehlulwa amathuba amaningi.
“Size lapha sizofuna amaphuzu amathathu, ikakhulukazi uma sibheka umjaho wesicoco, kodwa asizange sikuzuze lokho,” kusho lo mqeqeshi.
“Ngicabanga ukuthi sakhe amathuba kusenesikhathi futhi besingashaya igoli kuqala, kodwa umdlalo awuzange uhambe ngendlela ebesifuna ngayo.”
Lo mqeqeshi uphinde wakhomba indlela abahluleke ngayo ukuvala emuva, ikakhulukazi emabholeni abekwe phansi — into i-Orlando Pirates ebiyenza kahle yonke isizini.
“Sibanjwe ngamabhola abekwe phansi, futhi lokho bekungenzeki isikhathi eside,” kuchaza u-Ouaddou.
“Ngokuvamile singelinye lamaqembu ahamba phambili uma kubhekenwe nalezo zimo.”
Naphezu kwalo mphumela, u-Ouaddou uncome ukuqina kweqembu lakhe ngemuva kokulwa emdlalweni obunzima.
“Akulula ukuza lapha. Inkundla incane, kanti besibhekene neqembu elihleleke kakhulu futhi elinesibindi.
“Kodwa noma kunjalo sikwazile ukwenza umsebenzi onzima wokubuya kade sesilandela ngemuva,” kwengeza yena.
