EzintshaKaizer Chiefs

Inkakha ibalula umthelela wokuxoshwa kukaMzoughi kuPetersen

Ingwazi yeKaizer Chiefs, uWilliam Shongwe, isiveze umbono wayo ngokwehlelwa wumgqigqo kukanozinti u-Brandon Petersen kule sizini.

Uthi lokhu kuhlobene kakhulu nokuhamba komqeqeshi wononozinti abesebenza naye ngesizini edlule, u-Ilyes Mzoughi.

UShongwe uthi iChiefs yenza iphutha elikhulu ngokuvumela lo mqeqeshi waseTunisia ukuthi ahambe.

Uthi uMzoughi ubesebenze kahle kakhulu ekusizeni uPetersen ukuthi abuyele ezingeni lakhe elihle ngesizini edlule.

UPetersen akangenelwanga goli emidlalweni engu-18 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule.

Waze wafakwa eqenjini uHugo Broos aqoka kulo eleBafana Bafana ebeliye kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.

Kodwa ukuhamba kukaCedric Kaze noKhalil Ben Youssef kwaholela nasekuhambeni kukaMzoughi, obesehlale amasizini amabili eNaturena.

UFernando da Silva wafika nethimba lakhe, okuhlanganisa nomqeqeshi wonozinti u-Olivier Sorin. 

Kusukela lapho, u-Brandon Petersen wehlile kakhulu. Usenomdlalo owodwa kuphela kweyisithupha lapho engangenelwanga khona goli kule sizini.

Usengenelwe ayisikhombisa. UShongwe uthi uMzoughi bekufanele agcinwe.

“Yebo, ngaphandle kokungabaza. Bengizomgcina ngoba uyabonakala ukuthi unobudlelwano obuhle nonozinti futhi kukhona ukuzwana phakathi kwabo,” kusho uShongwe kwiFARPost.