
Uchiphize izinyembezi uLinda Mntambo evalelisa
ULinda “Figo” Mntambo uchiohize izinyembezi ngesikhathi ememezela ngokusemthethweni ukuthi uthatha umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo.
Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala udlale kumaqembu afana neJomo Cosmos, iChippa United, i-Orlando Pirates neSekhukhune United.
Umemezele lesi sinqumo ngenkulumo ethinta inhliziyo.
Ubalule izinselelo, ukuzidela nempumelelo abe nakho ohambweni lwakhe lweminyaka engu-13 ebholeni elikhokhelayo.
U-Linda Mntambo uveze ukuthi enye yezinto ezinzima kakhulu okwakumele azidele ngalo msebenzini wakhe webhola yisikhathi somndeni wakhe.
“Ukuzidela okukhulu engakwenza ngenxa yomsebenzi wami wukwakha umndeni ngibe ngazi ukuthi ngeke ngihlale ngikhona ngaso sonke isikhathi.
“Ukuba khona ezinganeni zami, ukuzeseka ngokomoya nokuzibona zikhula,” kusho yena.
“Lokho kube yinto okwakumele ngiyidele ukuze ngibe nomsebenzi omuhle engibe nawo ebholeni.”
Lo mdlali odabuka eMzimhlophe, eSoweto uthe wayengakaze acabange ukuthi usuku lokuvalelisa ebholeni luyofika ngokushesha okangaka.
U-LInda Mntambo ukhala ngokusheshe kufike kosuku lokushiya
“Angikaze ngicabange ukuthi lolu suku luzofika maduze kangaka,” kuqhuba uFigo.
“Ngisengumfana omncane okhulayo eMzimhlophe ngangiphupha ngokuba ngumdlali webhola, futhi ngikwazile ukulifeza lelo phupho.
“Le minyaka engu-13 kusukela ngo-2013 ibe wuhambo okufanele ngolubungaze.
“Akulula ukuvalelisa entweni okuwukuphela kwayo oyaziyo empilweni.”
U-Linda Mntambo ubuye wakhuluma nangezikhathi ezinzima adlule kuzo.
Kuzokubalwa ukulimala nezikhathi lapho abantu abaningi babengasakholelwa kuye.
“Sengibhekane nokulimala nezikhathi ezinzima emsebenzini wami,” kuchaza le nsizwa enguswenka.
“Kwezinye izikhathi abantu bangikhohlwa, kodwa ngangazi ukuthi yimina kuphela engangingakwazi ukuzivusa ngiphinde ngilwe.”
Nakuba evumile ukuthi uzolikhumbula kakhulu ibhola, uthe isikhathi sesifikile sokuthi ashiye inkundla.
“Bathi umdansi omuhle uyazi uma sekufanele aphume esiteji,” kwengeza yena.
“Noma kunzima… ngizolikhumbula ibhola, kodwa ngeke ngilahleke unomphela kulo.”
Ngemuva kwesimemezelo sakhe, izilokotho zibe seziqala ukungena zisuka kubantu abaningi abake basebenza naye.
Ozakwabo nosaziwayo bancome umoya ka-Linda Mntambo
Umculi nomdidiyeli womculo odumile u-Oscar Mbo uchaze u-Linda Mntambo njengomunye wabantu abanenhliziyo enhle kakhulu ake wahlangana nabo.
“Ngiyabonga kaputeni. Ungomunye wabantu abanomusa engibaziyo.
“Sizohlale sikubungaza ngomoya wakho omuhle obuhlezi unawo,” kubhala u-Oscar Mbo.
Owayenguzakwabo kwiPirates, uWayde Jooste, naye umthumele amazwi okubonga ngokuzinikela kwakhe ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Bekuyintokozo enkulu ukuba nguzakwenu. Ngifunde okuningi kuwe,” kubhala uJooste.
“Futhi ngeke ngikhohlwe indlela obuhlale usivuselela ngayo egunjini lokushintshela ngendlela onobuntu ngayo.”
UMntambo ushiya ibhola ngemuva kokudlala emaqenjini amakhulu eNingizimu Afrika.
Futhi esethole ukuhlonishwa ngozakwabo, abaqeqeshi nabalandeli kuwo wonke umsebenzi wakhe.
