Ezintsha

Usizi lweCape Town City luyinjabulo yeMilford

Iphupho le-Cape Town City lokubuyela ngokushesha kwiBetway Premiership selishabalele – kanti sekubhekwe i-Milford FC kulesi sigaba.

Leli qembu laseKapa lihluleke ukuthola umphumela ebeliwudinga ngesikhathi lidlala ngokulingana ngo 1-1 neMagesi FC ngoLwesithathu ntambama.

Bekumele nakanjani liwunqobe lomdlalo wasekhaya ukuze ligcine amathemba okukhushulelwa esigabeni esiphezulu ephila.

Lo mphumela ushiye iCity inamaphuzu amane kuphela ngemuva kokuphothula yonke imidlalo yayo.

IMilford yiyo ezihola phambili ngamaphuzu ayisithupha kanti isasalelwe umdlalo owodwa okuzothi uma iqunqoba noma iwudlala ngokulungana ikhushulelwe kwiBetway Premiership.

Umkhankaso we-Cape Town City wokufuna ukukhushulelwa kulesi sigaba esiphezulu waqala kabi kusukela ekuqaleni. 

Yahlulwa emidlalweni yalo emibili yokuqala yi-Milford FC neMagesi FC, okwashiya umsebenzi onzima phambi kwayo.

Nokho, itehmba libuyile kancane ngempelasonto edlule ngesikhathi iCitizens ishaya iMilford FC ekuhambeni. 

Ngeshwa, ukudlala ngokulingana neMagesi ngoLwesithathu kuvale ngokuphelele lelo thuba.

Manje sekucacile ukuthi iCape Town City izophinde ichithe okungenani enye isizini kwiMotsepe Foundation Championship.

IMilford FC isidinga iphuzu elilodwa kuphela uma ibhekene neMagesi FC ukuze iqede phezulu kwilogi yamaqembu amathathu, bese yenyukela kwiligi enkulu.

Ngakolunye uhlangothi, iMagesi FC izobe ifuna ukunqoba lo mdlalo ukuze iqinisekise ukuthi iyahlala kwiBetway Premiership ngesizini ezayo.