
UJose Riveiro ‘ulijike’ ekugcineni icebo adle ngalo iDowns
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ushayele ihlombe abadlali bakhe ngokukwazi ukusheshe babambe icebo elisha abadlalise lona bebhekene neMamelodi Sundowns.
IPirates ishaye iSundowns ngo 2-1 emdlalweni weBetway Premiership idlala ngecebo le 3-4-2-1 okokuqala kule sizini.
Kuvela ukuthi uJose Riveiro ubehlele ukudlala ngecebo le 4-2-2-2, la uBoitumelo Radiopane elekelelana no-Evidence Makgopa ekuhlaseleni phambili.
Nokho leli cebo lishintshile ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo, umdlali wasemuva uMbekezeli Mbokazi wathatha indawo kaRadiopane ohlwini lwabazoqala umdlalo.
I-Orlando Pirates ibingakaze ilusebenzise uhlelo lwabadlali abathathu basemuva maphakathi nenkundla kule sizini.
Kodwa ikwazile ukuvimba ukuhlasela kweSundowns njengoba lolu hlelo lukaJose Riveiro lwenze izimanga.
ISundowns ayikwazanga ukuhlasela ngendlela ebifisa ngayo futhi ngokwezibalo zomdlalo ilikhahlelele kanye into eqondile ipali lePirates.
Ukunqoba kwePirates bekungokokuqala eminyakeni emihlanu kwiligi uma ibhekene neSundowns.
“Njengabaqeqeshi siyaphupha futhi sibe nethemba lokwenza umehluko omkhulu emdlalweni,” kusho uJose Riveiro.
“Sihlala sizama ukuba nomthelela omuhle, siya emdlalweni ngenhloso ecacile nesifiso sokunqoba.
“Sikukhombisile lokho ekuqaleni komdlalo, bekusobala ukuthi asizelanga ukuzozihambela epaki nje.”
Lo mqeqeshi odabuka eSpain uncome iqembu lakhe ngokwenza kahle ngaleli cebo, naphezu kwesikhathi esincane sokuzijwayeza lona ngaphambi komdlalo.
“Ngicabanga ukuthi abafana balilandele ngendlela enhle kakhulu icebo, besingabanga naso isikhathi esanele sokulungiselela umdlalo.
“Ngizobanika izincomo eziphelele ngokwenza leli cebo lomdlalo lisebenze ngokuvumela ukujika indlela esenza ngayo esigabeni sokuvala emuva… Ngokusebenzisa abadlali basemuva abathathu namuhla.”
URiveiro uphinde wakuchitha ukuthi leli cebo ulicabange sekusele kancane umdlalo uqale, futhi wajika indlela abelihlele ngayo iqembu eliqale umdlalo.
“Ingxenye yokuqala yombuzo, angazi ngempela (mayelana nokushintsha kohlu lwabaqala umdlalo), ngiyaxolisa,” kenezezela yena.
IPirates manje isibheke ukwakhela phezu kwalo mfutho njengoba ilungiselela imidlalo yayo elandelayo yeBetway Premiership.
Izophinde ibe nemdlalo owandulela owamanqamu kwiNedbank Cup neyesigaba somkhumulajezi kwiCaf Champions League.
