
Usabisa ‘ngokugabha’ abamdliselile uCardoso
Isomiso sezindebe zasekhaya siqhubekile kwiMamelodi Sundowns ngemuva kokuhlulwa ngo 2-0 yiTS Galaxy kwiNedbank Cup ngoMgqibelo.
Ibingene kulo mdlalo iyizintandokazi kulandela ukunqoba kwayo phakathi nesonto la ihlule khona i-Orlando Pirates.
Nokho amaBrazilians azithole eliwasha ijezi ngenxa yalokho umqeqeshi uMiguel Cardoso akuchaze njengamaphutha “angakholakali” abawenze eSolomon Mahlangu Stadium.
ISHOBOLO LIYAQHUBEKA
Onyakeni wesibili ilandelana iMamelodi Sundowns izoqeda umkhankaso ngaphandle kwendebe yasekhaya.
UCardoso, obebonakala ekhungathekile ngemuva komdlalo, ukhale ngohlobo lwamagoli abawadedelile.
“Indaba yalo mdlalo yiyona kanye leyo, silandele emuva ngo 2-0 futhi kwadingeka sibuye kulokho,” kusho uCardoso.
“Siphisane ngebhola kalula ukuze bashaye igoli lokuqala, sabe sesibanika iphenathi ebingagwemeka kalula.”
Yize elichitha ngakuye iphutha, uCardoso naye ube naso isandla ngokugembula akwenzile kulo mdlalo.
- Izinguquko eziningi: UCardoso wenze izinguquko ezingu-10 eqenjini elihlule i-Orlando Pirates.
- Oqekelele bamathuba: Naphezu kwamaphutha, iSundowns yakhe amathuba amane acacile kodwa yehluleka ukuwasebenzisa.
- Ishobolo leGalaxy: IRockets iphinde yabonakala “njengeqembu elingayizwa” iSundowns emidlalweni yomkhumulajezi.
INGABE UDIDWE ZINDUKU?
Evikela isinqumo sakhe sokwenza izinguquko eqenjini eliqale umdlalo, uCardoso ugcizelele ukuthi uhlaka lokudlala beluqinile.
Uthe inkinga ibe kubadlali abangakwazanga ukulandela imiyalelo namacebo okudlala.
“Amagoli asilimazile awahlangene nohlu lwabaqale umdlalo, abe ngenxa yamaphutha omuntu ngamunye,” kuchaza uCardoso.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi bangase baphelelwe yindawo labo abahluleke wukuziveza benikwe ithuba kulo mdlalo.
“Kudingeka sihlonze kahle ukuze siqonde ukuthi ubani ofanelwe yila mathuba esibanikeza wona.”
UCardoso ukhumbule ukuhlulwa kuwo lo mqhudelwani yiKaizer Chiefs ngesizini edlule.
Uphakamise ukuthi baphinde bahlulwa wukuzibamba ziqine emidlalweni yezindebe esezingeni eliphezulu.
ITHUBA LOKUGCINA
Njengoba izindebe zeNedbank Cup, iCarling Knockout neMTN8 seziphunyukile, iSundowns manje isalelwe ezimbili.
Kumele yenze kahle kwiBetway Premiership nakwiCaf Champions League ukuze ivike ihlazo lokuqeda isizini ishwiba izandla.
FUNDA NALA | Uzigwaze ngowakhe uCardoso koweNedbank
Izobuyela emidlalweni yeligi ngoLwesibili la izogadulisana khona naMaZulu FC.
Kulindeleke ukuthi uCardoso abuyele eqenjini elijwayelekile kulo mdlalo — okuhlanganisa nokuqala ngoBrayan León osefomini enhle phambili.
