EzintshaKaizer Chiefs

Izokhuculula iChiefs, seluqediwe uhlu lwangadingeki

Kulindeleke ukuthi iKaizer Chiefs ihlukane nedlanzana labadlali ekupheleni kwesizini.

Lokhu kuzoba yingxenye yokulungiswa kabusha kweqembu kulandela enye isizini engazange ibe nezithelo ebezibhekiwe.

Amakhosi ahlulwe okuka-11 kule sizini ngesikhathi eshaywa ngo 2-1 yiMarumo Gallants ngemelasonto. 

Njengamanje asendaweni yesishiyagalolunye kwilogi njengoba esaqoqe amaphuzu angu-30 nje kuphela emidlalweni engu-25 kuze kube manje.

Ngokombiko wePhakaaathi, umqeqeshi uNasreddine Nabi akajabule ngabadlali abaningi eqenjini lakhe.

Ngaleyo ndlela usefaze isincomo zokuthi kumele bakhululwe ekupheleni kwesizini.

“Umqeqeshi uNabi usevele ulwenzile uhlu lwabadlali afuna iqembu libakhulule ekupheleni kwesizini. 

“Uselufakile lolu hlu luhambisa nohlu lwabadlali angathanda ukuthi iqembu libasayine,” kucashunwe umthombo usho kanje.

Akukacaci okwamanje ukuthi ngobani labo badlali abazolaxazwa yiChiefs ekupheleni kwesizini.

Kodwa kubikwa ukuthi umgadli owehlelzwe yizinga, uRanga Chivaviro uphakathi kwabadlali abazodedelwa.

UMduduzi Mdantsane noGeorge Matlou nabo kukholakala ukuthi basendleleni ephumayo eNaturena.

Omunye wonozinti naye uzodedelwa ukuze kuvuleke isikhala somunye unozinti okuthiwa uphezulu ihlwini lwabadlali abafunwa uNabi ngesizini ezayo. 

Nangesizini edlule iKaizer Chiefs idedele iningana labadlali bayo njengoba beyinethemba lokuthi izokwazi ukwakha kabusha ngaphansi kukaNasreddine Nabi.

Kodwa kuvela ukuthi abaphathi nabaqeqeshi bayavumelana ukuthi kusamele kuphinde kuchucululwe ngoba baningi abanye abasasele abangekho ezingeni. 

Abanye kuvela ukuthi bavele basindiswa wukuthi ikilabhu ayikwazanga ukuthola abadllai ebibafuna ngaphambi kokuqala kwale sizini. 

Kukhona nokuthiwa bazobolekiswa kwamanye amaqembu angenayo ingcindezi enkulu ukuze bayothola amava, baqine nokhakhayi.