
I-Orlando Pirates ichithiwe izama umqeqeshi wayo wakudala
Imizamo ye-Orlando Pirates yokuvuselela ithimba layo elidala labaqeqeshi ibhuntshile, ngokwemibiko yakamuva.
Le kilabhu yaseSoweto izithola isesimweni esinzima sokuthola umqeqeshi ofanelekayo ozovala isikhala sikaJose Riveiro oshiyayo.
Lo mqeqeshi waseSpain uphumelele ngendlela emangalisayo kwi-Orlando Pirates futhi ukuthola ozovala isikhala sakhe kuzoba yinselelo enkulu.
URiveiro akagcinanga nje ngokuwina izindebe ezinhlanu, kodwa wakhe iqembu elidlala ibhola elikhangayo.
Uphinde wabonisa isibindi nombono ojulile ngokunikeza abadlali abasencane ithuba eqenjini.
Ngaphezu kwalokhi ubavumele ukuthi basebenzise amathalente abo emvelo ukuzibonakalisa ezingeni eliphezulu.
Manje iPirates isemzamweni wokuhlanganisa ithimba elifanelekile labaqeqeshi elizothatha izintambo.
Kubikwa ukuthi omunye waleyo mizamo kube wukuheha uFadlu Davids ukuthi abuyele kuleli qembu.
Kodwa, ngokubika kweCitizen, lo mqeqeshi weSimba SC usenqabile isicelo sayo.
Ngokusho komthombo, iPirates ithumelele uDavids isicelo esihehayo, kodwa wasichitha.
“Yebo, kuyiqiniso ukuthi iPirates ibifuna uDavids abuye,” umthombo ucashunwe usho kanje kulo mbiko.
“Akuyona iPirates kuphela emfunayo, kodwa neRaja Casablanca nayo iyamfuna, kodwa yena usafuna ukuhlala kwiSimba.
“Uthi usenomsebenzi angakawuqedi neSimba. Wenza kahle kwiSimba futhi abalandeli bayamthanda ngakho ufuna ukuhlala.”
UDavids useduze nokuthi aqophe umlando ngokunqoba iCaf Confederation Cup ngesizini yakhe yokuqala kuleli qembu laseTanzania.
Njengamanje iSimba isingene emdlalweni wamanqamu kuo mqhudelwano.
Lokhu kungemuva kokuhlula iStellenbosch FC ngo 1-0 sekuhlanganiswe yonke imidlalo eyandulela owamanqamu.
Sekungokwesibili uDavids efinyelela kulesi sigaba salo mqhudelwano wezwekazi.
Wenza okufanayo nePirates ngo-2022 ngesikhathi eqeqesha ngokubambisana noMandla Ncikazi.
Bahlulwa yiRS Berkane sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu.
UDavids ukuqinisekisile ukuthi usaxhumana nezikhulu eziphezulu zePirates ngemuva kokunqoba kwabo eThekwini.
Utshele abezindaba ukuthi uthole umyalezo ovela esikhulwini esiphezulu sePirates simkhumbuza ngokwenziwa yiRS Berkane kubo ngo-2022.
