
UPhala uveza izihibe ezingakhuba iBucs kowePremiership
- Sibongiseni GUMBI
Owayengumdlali emaqenjini ehlukene kwiPSL, uThuso Phala ukholwa ukuthi i-Orlando Pirates isethubeni lokunqoba isicoco seBetway Premiership.
Kodwa lo mdlali owake wadlala kwiKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uthi kukhona izihibe ezingayikhuba embangweni walesi sicoco.
Ubona sengathi iqembu lithembele kakhulu kubadlali abathathu: oPatrick Maswanganyi, uRelebohile Mofokeng noTshegofatso Mabasa.
Uthi uma kungenzeka ngandlela thile, bangabi khona eqenjini laba bobathathu, iPirates ingase ibhekane nezinselelo zokugcina ifomu.
Laba bobathathu badlale indima ebalulekile empumelelweni yamaBhakabhaka ngesizini edlule, futhi bathola izindondo ezinkulu emiklomelweni yePSL.
UMaswanganyi uqokwe njengeDStv Premiership Players Player of the Season, Midfielder of the Season, neNedbank Cup Player of the Tournament.
UMabasa yena uthole indondo yeDStv Prem Top Goal Scorer ngamagoli akhe angu-16.
UMofokeng uhlonishwe njengeMost Promising Player kwiNedbank Cup neDStv Prem Young Player of the Season.
UPhala uhlabeke umxhwele ngamagalelo alaba njengoba kuqale isizini kodwa ukhathazekile ngokuthembela kubo kakhulu.
“Kwi-Orlando Pirates, uma ukhipha uPatrick Maswanganyi, umfana omncane uRelebohile Mofokeng, noTshegofatso Mabasa, kungaba kubi kakhulu,” kusho uPhala kwiNedbankSport.
Encokola wengeza ngokuthi ngisho neqembu lakhe lasebekhulile lingayiphonsela inselelo iPirates uma laba badlali abathathu bengekho.
“Bangasihlula, kodwa singazama ukulwa. Ngaphandle kwalaba badlali abathathu, akukho okutheni okungenziwa yiPirates kule sizini.”
Kule sizini, iPirates izodlala emiqhudelwaneni emihlanu: okuyiMTN8, iCarling Knockout Cup, iBetway Premiership neNedbank Cup.
Ikhona nakwiCaf Champions League lapho ingase ibhekane nezingqungqulu zebhola lase-Afrika uma ifika esigabeni samaqoqo.
Isexwayiso sikaPhala esingadlali sigqamisa ukubaluleka kwalezi zihlabani ezintathu kwiPirates kule sizini.
IPirates izovakashela iJwaneng Galaxy yaseBotswana emdlalweni womzuliswano wesibili kweyokuhlungela iChampions League.
Lo mdlalo uzoba ngoMgqibelo ngo-4 ntambama eBotswana Nationa Stadium.
Ozonqoba emilenzeni emibili yalo mdlalo uzodlulela esigabeni samaqoqo kulo mqhudelwano.
