EzintshaKaizer Chiefs

IRichards Bay neStellies kwacuthele oweChiefs

Mancane amathuba okuthi AmaZulu FC athole uSibongiseni Mthethwa uma ededelwa noma ebolekiswa yiKaizer Chiefs.

UMthethwa ujoyine iChiefs ngesizini edlule esuka kwiStellenbosch FC, kubhekwe lukhulu kuyena. 

Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubengumdlali ovelele kwiStellies, waheha aehlo eChiefs ne-Orlando Pirates. 

Nokho wagcina eqoke Amakhosi, lapho abaningi bebekholwa ukuthi uzongena kalula eqenjini eliqala imidlalo.

Nokho, izinto azihambanga njengoba bekuhleliwe. UMthethwa akakwazanga ukubuyela efomini ayekuyo kwiStellies. 

Manje, kunamahlebezi okuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi omusha uNasreddine Nabi futhi angase abolekiswe. 

Ukubuya kukaNjabulo Blom nakho kwengeze kumahlebezi okuthi uNabi ufuna umdlali ohlukile kuMthethwa.

Inkontileka kaMthethwa kwiChiefs izophela ngoJuni 2026, okusho ukuthi unamasizini amabili asele nawo kuleli qembu. 

Yize imibiko iveza ukuthi AmaZulu FC yiwona ahamba phambili embangweni wokusayinisa uMthethwa, umthombo utshele iLisenethini okuhlukile. 

“Empeleni yiRichards Bay neStellenbosch abasethubeni lokumthola,” kusho umthombo. 

“AmaZulu abemfuna ngaphambi kokuthi asayine neChiefs, kodwa akukho okusha aseke akuveza ngaye muva nje.”

IStellenbosch ibonakala izihola phambili emjahweni wokusayina uMthethwa ngenxa yokujwayelana kwakhe nomqeqeshi wayo uSteve Barker nomlando wakhe kuleli qembu. 

Nokho, iRichards Bay, njengoba isisisesimweni esingcono semali, ingase ibe yikhaya lakhe elilandelayo. 

IRich Boyz isivele inomunye obedlala kwiChiefs esikwatini sayo, uSiyethemba Sithebe.

Kusazobonakala ukuthi uMthethwa uzophelelaphi kodwa AmaZulu akubonakali esembangweni wakhe.