EzintshaKaizer Chiefs

ISiwelele ivalela iKaizer Chiefs ekhoneni ngebabolekile

Abadlali ababolekiswe yiKaizer Chiefs – uHappy Mashiane noSamkelo Zwane – kulindeleke ukuthi babuyele eNaturena ekupheleni kwesizini.

Lokhu kungemuva kokuthi iSiwelele FC abebesiswe kuyo kubikwa ukuthi isinqume ukungaqhubeki nesinye isivumelwano sokubolekisana.

Laba bobabili bajoyine uSiwelele ngoJanuwari kubhekwe ukuthi bathole ithuba lokudlala njalo.

Nokho, akekho kubo okwazile ukwenza umthelela abaningi abebewulindele kwiSiwelele.

UMashiane wake wabonakala ezoba ngomunye wabadlali abaphuma enkulisa yeKaizer Chiefs abazovelela.

Wakhushulelwa eqenjini elikhulu ngumqeqeshi wangaphambili u-Ernst Middendorp ngo-2019. 

Kodwa udlale kanye kuphela kuyo yonke imiqhudelwano kulesi sikhathi asibelokiswe kwiSiwelele.

Khonamanjalo, uZwane uqhamuke njengomunye wabadlali basesiswini abakhombisa ikhono elihle kakhulu. 

Yena udlale imidlalo eyisikhombisa kuphela ngesikhathi sakhe kuleli qembu laseBloemfontein.

Manje ngokubika kweSABC Sport, iSiwelele sinentshisekelo yokugcina laba badlali – kodwa inombandela oqinile.

Kuvela ukuthi leli qembu laseFree State lifuna ukunathatha unomphel alaba badlali, kodwa alifuni ukubathenga.

Lokhu kusho ukuthi kuzomele banqamule izinkontileka zabo kwiKaizer Chiefs uma befuna ukuqhubeka kwiSiwelele.

Kodwa ke njengoba kulindeleke izinguquko nasethimbeni labaqeqeshi, ngeke kube lula kwiChiefs ukuvuma ukubadedela okwamanje.

Cishe izolinda kufike umqeqeshi omusha bese kuba nguye onqumayo ukuthi uyabadinga yini noma cha.