EzintshaKaizer Chiefs

Ezinhle kubalandeli beChiefs ngoShabalala 

Abalandeli beKaizer Chiefs bangalindela uMduduzi Shabalala ohlukile ngesizini ezayo, uma ngabe okushiwo ngabangaphakathi eqenjini kuyiqiniso. 

UShabalala ubenengcindezi yokuthi anyuse izinga, aphinde asize iqembu kusukela enyuselwe eqenjini elikhulu eminyakeni embalwa edlule.

Ingcindezi yenyuke kakhulu kuye kulandela ukwenyuswa kukaRelebogile Mofokeng kwi-Orlando Pirates, wafike washeshe waba ngumdlali omqoka. 

UShabalala ubengumdlali ogqamile futhi owenza kahle leChiefs leDStv Diski Challenge ngaphambi kokukhushulelwa eqenjini elikhulu. 

Kodwa akakawavezi amandla akhe nethalente eqenjini elikhulu, okushiya abanye bekholwa ukuthi ubenconywa ngokweqile ngaphandle kwesizathu esibambekayo. 

Umthombo utshele uLisenethini ukuthi uShabalala ubenza kahle kakhulu ngesikhathi kulungiselelwa isizini futhi ekhombisa ukuzinikela okumangalisayo.

“UMdu Shabalala wenze kahle kulamasonto edlule,” kusho lo mthombo ocele ukungavezwa.

“Usesimweni esikahle ngokomqondo, usebenza kanzima ekuqeqesheni, futhi uzinikele nje ngakho konke.”

UShabalala kuthiwa ushaye amagoli emdlalweni wobungani wakamuva neSuperSport United abawunqobe ngo 2-0.

Kuzomele aqhubeke nokuzikhandla uShabalala kwazise umbango wezindawo zokuqala umdlalo uzoshuba kule ndawo adlala kuyo. 

Ubanga indawo nomdlali onamava nekhono elaziwayo uGaston Sirino osayinwe ngemuva kokulaxazwa yiMamelodi Sundowns.