
UCardoso uchitha ‘eyokukhonjwa’ ukuqalisa uZwane
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uncome umakadebona wasesiswini uThemba Zwane ngemuva kokunqoba ngo 1-0 kwi-Ulsan HD.
UThemba Zwane uqalile kulo mdlalo wokuvula iFifa Club World Cup ka-2025 ngoLwesithathu ekuseni.
Lo mdlali oneminyaka engu-35 ubudala ubengalindelekile kwabangase baqale kodwa wangena wadlala ngendlela ehlabe abaningi umxhwele.
ISundowns kumanje iqhwakele kuGroup F ngemuva kokuthi iBorussia Dortmund neFluminense bedlale ngokulingana ngo 0-0 ngoLwesibili ebusuku.
UCardoso uthe uThemba Zwane uthole indawo yakhe eqenjini eliqala umdlalo ngokuyisebenzela, waphika eyokuphoqwa yingcindezi.
“Akukho ngcindezi noma ukukhumnbula okwenzeke ngokudlule. UThemba usebenze kanzima emasontweni amabili edlule. Ubekufanele ukudlala,” kusho uCardoso.
UThemba Zwane washiywa ngaphandle ngesikhathi iSundowns ihlulwa kowamanqamu kwiCaf Champions League yiPyramids.
Abalandeli abaningi nongoti basala nomuzwa wokuthi ubuhlakani bakhe yibo obashoda kulo mdlalo, futhi uCardoso wagxekwa kakhulu ngokungamsebenzisi.
Kodwa ngoLwesithathu ekuseni, umqalisile kodwa uCardoso uyagcizelela ukuthi isinqumo besisekelwe ekufanelekeni.
“Siyathembana eqenjini. Ukuzwana kuphezulu. Ngimkhethe ngoba ekulungele, hhayi ngenxa yengcindezi yangaphandle,” kuchaza uCardoso.
Lo mqeqeshi uphinde wavuma ukuthi umdlalo ne-Ulsan ubushubile futhi unzima.
“Bekungelula. Siphikelwe amagoli kodwa sakwazi ukuhamba phambili ngo 1-0 kuphela isikhathi eside.
“Lokho kwenze imizuzu yokugcina yaba nengcindezi enkulu. Kodwa sibambelelile ohlelweni lwethu sazuza ukunqoba,” kuqhuba yena.
Lokhu bekuwukunqoba kweSundowns okokuqala ngqa kwiClub World Cup.
“Kuyisikhathi esikhethekile. Ngathi yiphupho. Lolu hlelo lunzima, ngakho lokhu kuwina kusho lukhulu.
“Abadlali bajabulise imindeni yabo kanye nesizwe sonke.”
ISundowns manje isizobhekana neziqhwaga zaseJalimane iBorussia Dortmund ngoMgqibelo eTQL Stadium eCincinnati.
Lona ngomunye umdlalo ozoba yisivivinyo esikhulu, kodwa ukuzethemba kufanele ukube sekuqinile kuCardoso neqembu lakhe manje.
