EzintshaOrlando Pirates

UHotto uveza okwenza uRiveiro abe ngumqeqeshi okhethekiile

Kwaba nokungabaza okukhulu ngesikhathi uJose Riveiro – owayengaziwa ngalesi sikhathi – eqokwa njengomqeqeshi we-Orlando Pirates ngoJulayi ka-2022.

Kodwa uRiveiro washeshe wakuqeda lokhu kungabaza ngokuwina iMTN8 neNedbank Cup ngesizini yakhe yokuqala. 

Ngesizini edlule, uphinde wenza okufanayo ngokuvikela zombili lezi zindebe, waphinde waqeda isibili ngemuva kweMamelodi Sundowns.

Lo mqeqeshi waseSpain usethubeni lokuqopha omunye umlando kumaBhakabhaka ngokuwenza iqembu lokuqala ukunqoba iMTN8 kathathu kulandelana. 

Kodwa lokho kwenzeka uma iPirates ikwazi ukuhlula iStellenbosch FC kowamanqamu walo mqhudelwano obuseMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Ngaphambi kwalo mdlalo othokozisayo, umdlali wePirates uDeon Hotto usedalule ukuthi yini eyenza uRiveiro abe ngumqeqeshi okhethekile.

“Okwenza umqeqeshi wethu abe ngokhethekile wukuthi useguqule iqembu walinikeza indlela ehlukile yokudlala,” kusho uHotto.

“Ufike nohlobo lwakhe lwebhola wasitshela ukuthi ufuna siwudlale kanjani lo mdlalo. Ngenhlanhla, siyayiqonda. 

“Ngicabanga ukuthi yingakho ikilabhu yamqoka njengomqeqeshi, ukuletha injabulo eqenjini.

“Futhi ngikholwa wukuthi sonke siyalibona ibhola afike nalo kule kilabhu, nokubuyisa ukuhlonishwa.

“Kithina njengabadlali, konke kumayelana nawo wonke umdlali ukuthi adlale indima yakhe ngoba uma sibambisene, sizohamba njengoba kwenzeka manje ngaphansi komqeqeshi, uRiveiro,” kewengeza lo mdlali waseNamibia.

Ekhuluma ngomdlalo wangoMgqibelo, uHotto uthe amaBhakabhaka kumele abe sezingeni eliphezulu uma ezonqoba kwiStellenbosch.

Uthi iStellies isiphenduke imbangi enzima uma bebhekene nayo emidlalweni yakamuva edlule. 

Emidlalweni emine edlule phakathi kwala maqembu, iStellies isishaye iPirates kathathu kwathi amaBhakabhaka anqoba kanye.

“Ukuze siwine sizodinga ukugxila futhi sibambisane njengeqembu,” kusho uHotto.

“IStellies yiqembu elinzima kakhulu ukulihlakaza, futhi banejubane. 

“Ngakho-ke, sidinga nje ukucophelela futhi izingqondo zethu kufanele zibe semdlalweni ngoba sibhekene neqembu elihle.”