Ezintsha

UMokwena uqokelwe indondo ephambili kuFeather Awards

Umqeqeshi wakuleli, uRulani Mokwena ungomunye wabaqokwe emiklomelweni yezikaqedisizungu, iFeather Awards. 

UMokwena, ongumqeqesi weWydad Athletic Club eMorocco njengamanje, uqokwe emkhakheni weHunk of the Year. 

Uqokwe kanye nabanye abakwezemidlalo, oMakazole Mapimpi odlala ibhola lombhoxo no-Akani Simbine ongumsubathi.

Ngokwemibiko, iFeather Awards yaninyaka ihambisana nomgomo othi “Borderless Existence”, okuwuphawu lokuqhakambisa amalungelo abeLGBTQIA+.  

Umcimbi uzoba ngoLwesine lukaNovemba 7, kanti uzoba se-1 Fox eGoli. 

Lo mcimbi uthembisa ukuba sezingeni eliphezulu futhi ube wuphawu lobumbano kwabobulili obehlukene. 

UThami Kotlolo, ongumsunguli walezi zindondo, uthe kulo nyaka bagxile ekufakeni nabobunye ubulili. 

“Ukuhlonipha abaqokiwe, sihlonipha umuntu siqu sakhe,” kusho yena. 

“Asizubheka ikhono, imvelaphi noma ukuthi ngubani lowo muntu. Sihlonipha bonke abantu abenza izwe lethu libe ngcono. 

“Okubalulekile ukwehlukana kwamathalente nomsuka wabaqokiwe.

“Basenza sonke sigqugquzeleke ukucabanga ngezwe elamukela wonke umuntu,” kusho uKotlolo.