EzintshaOrlando Pirates

Usenekhaya elisha uKapinga osanda kushiya iPirates

Usethole ikhaya elisha uLesedi Kapinga ngemuva kwamasonto ambalwa eshiye kwi-Orlando Pirates. 

Lo mdlali wasesiswini wacela ukukhululwa kwiPirates kulandela ukuthi engakwazanga ukungena eqenjini eliqala imidlalo. 

Uthe uma ebona ukuthi nakule sizini usazilizwa ngendaba ijezi, wabona kungcono ayozama kwenye indawo.

Wayenze esifanayo nakwiMamelodi Sundowns ngaphambi kokuya kwiPirates. 

Manje usejoyine iSekhukhune United ngenkontileka yeminyaka emithathu.

Kuthiwa usayine inkontileka ngoLwesibili ebusuku, wabe esevukela ejimini yeqembu ngoLwesithathu. 

IBa Bina Noko inezifiso ezinkulu kule sizini. Ibisanda kuqinisa iqembu ngomdlali wasesiswini emboleke kwiSundowns, uSipho Mbule. 

UKapinga, 29, ujoyine iPirates ekuqaleni kwesizini ka-2023/24. 

Lokhu kungemuva kokungaphumeleli kumaBrazilians, lapho abelizwa khona ngendaba ijezi. 

UKapinga ubhekane nesimo esinzima esifanayo kumaBhakabhaka futhi akakwazanga ukuqala ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro.

“Usayine kwiSekhukhune, konke sekuqediwe. Futhi ubajoyina ngenkontileka yeminyaka emithathu, futhi usevele eseqenjini. 

“Ngicabanga ukuthi sonke siyakwazi akwazi ukukwena. Futhi bakholelwa ukuthi uzokwengeza ikhwalithi eqenjini,” kusho umthombo weSunday World. 

UKapinga udlale imidlalo engu-13 kwiPirates kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule.