EzintshaKaizer Chiefs

UBrian Baloyi weluleka uMatlou ngolaka lwabalandeli beBucs 

UGeorge Matlou uzithole esethrenda ezinkundleni zokuxhumana emasontweni ambalwa edlule kodwa akukhona ngenxa yokudlala kwakhe kwiKaizer Chiefs.

Uqale ukuthrenda ngemuva kokuthi kuvele amavidiyo akhe enza eshaya i‘Mukoko Challenge’ evele ezinkundleni zokuxhumana. 

Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi umdlali wasemuva weSt Eloi Lupopo ecasule abalandeli be-Orlando Pirates ngokubagcona e-Orlando Stadium. 

Lokhu kugconwa kwazwela kakhulu ngemuva kokuthi iPirates ikhishwe kwiCaf Champions League, iwashiswa ijezi yiLupopo. 

Ngakho-ke uGeorge Matlou wenza le ‘Mukoko Challenge’ – akwaziwake noma wayezincokolela noma wayegadla – okumakhele amazinyo abushelelezi kwabePirates.

Manje laba balandeli sebethatha noma yiliphi ithuba abalitholayo ukumgcona naye ezinkundlnei zokuxhumana.

Uke wagconwa ngokuthi akadlaliswa, wabe esephiwa negama elihambisana nokuthi usesebenza ukujabulisa abalandeli kunokuba umdlali.

Ekhuluma kwiSoccer Beat Podcast kuleli sonto, uBaloyi uthe uMatlou uzihlokoloze yena lezi ziqandi esezimncinza kangaka manje.

Uveze ukuthi lento kuyacaca ukuthi isiyamphazamisa uMatlou njengoba engenzi nakahle enkundleni okubonakale emdlalweni wangoLwesithathu bebhekene neChippa United.

“Lento ayisekho mayelana nekhono lakhe, kodwa isezinkundleni zokuxhumana,” kusho uBaloyi owayengunozinti weBafana Bafana.

“Ngisho nanamuhla (ngoLwesithathu) ngaphambi komdlalo ezinkundleni zokuxhumana, abalandeli bePirates bebemnika ubunzima.

“Manje sebeze bamnika isiteketiso esisha… sebembiza ngo‘Video Boy’. Ngakho, kuzodingeka asebenze kanzima.”

UBaloyi weluleke uMatlou ukuthi agxile emisebenzini yakhe enkundleni futhi aqinisekise ukuthi wenza kahle khona.

“Manje kuzomele asebenze kanzima enkundleni ukuze alungise igama nesithunzi sakhe sakhe,” kuqhuba uBaloyi. 

“Uzilethele yena lokhu. Ngeshwa kuzomele asebenze kanzima ukuze abuyele ekugxileni emsebenzini wakhe enkundleni.” 

UGeorge Matlou uzothemba ukuthi uzophinde aqaliswe uma iKaizer Chiefs seyihlangana neTS Galaxy emdlalweni wayo wokugcina wonyaka ngeSonto.