
U-Itu Khune ushaya amakhala ngamasu kaRonwen Williams
Owayengunozinti weKaizer Chiefs neBafana Bafana u-Itumeleng Khune ugxeke uRonwen Williams ngemuva komdlalo wakamuva weMamelodi Sundowns.
U-Itumeleng Khune usole uRonwen Williams ngokwehisa isivinini somdlalo okungenasidingo ngesikhathi iMamelodi Sundowns ibhekene ne-Esperance ngoLwesibili.
ISundowns inqobe lo mdlalo womlenze wokuqala esigabeni somkhumulajezi obuseLoftus Stadium ngo 1-0, kanti uKhune ubefuna ishaye amanye amagoli.
Ubona sengathi unozinti weSundowns ubenelisekile ngokuwina ngo 1-0, athi umphumela oyingozi.
Futhi uthi ukwehlisa isivinini somdlalo engabe uzama ukuphusha ukuthi bayothola elinye igoli yicebo elingelihle njengoba kusenomlenze wesibili eTunisia ngo-Ephreli 8.
U-Itumeleng Khune uqhathanise ukuziphatha kukaRonwen Williams nalokho komqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso, obonakale ekhuthaza abadlali bakhe ukuthi banyuke bayozama igoli lesibili.
“Engikuthandayo ngomqeqeshi, nengikubone ngesiwombe sesibili ukuthi ubephusha abadlali bakhe ukuthi ‘asambeni siyofuna elinye igoli’.
“Kodwa ngala unozinti ophambili weBafana Bafana (uWilliams) yena uzitekela ibhola, wehlisa isivinini somdlalo
“Manje sekunabantu ababili, umqeqeshi nokapteni benza okuphikisanayo,” kusho uKhune kwiSABC Sport lapho esengumhlaziyi khona.
“Uthumela muphi umlayezo kubadlali? Phela uma ukaputeni ezipholele, kusho ukuthi sonke asiphumule.
“Kodwa badinga ukukuqaphela lokho ukuya phambili ngoba kungaba yingozi nento abazozisola ngayo.”
UKhune uphinde waveza izinkinga ezingase zibe khona ngokunqoba ngo 1-0, uma kubhekwa ukuthi izimbangi zizobe sezisekhaya emlenzeni wesibili.
“Umphumela oyingozi kakhulu ebholeni lona uma kunemilenze emibili… ngeke kube lula uma sebesekuhambeni,” kwengeza uKhune.
“Okokuqala, basazokhathazwa wuhambo. Okwesibili, izimo abazobhekana nazo phambili. Okwesithathu, ukudla abazokudla phambili…”
U-Itumeleng Khune uphinde wanxusa iPSL ukuthi iqinise ukweseka kwakho amaqembu adlala emiqhudelwaneni yezwekazi.
“Umqeqeshi (uMiguel Cardoso) ukhulumile ngokwesekwa yiPSL uma bedlala imidlalo yezwekazi kodwa ngeshwa lokho akwenzeki.
“Ngethemba ukuthi esikhathini esizayo iPSL izowasiza kangcono amaqembu adlala ezwenikazi.
“ISundowns beyidlala ngoLwesihlanu, isidlalile namuhla (ngoLwesibili), iyadlala futhi ngesonto elizayo ngoLwesibili, kubi kakhulu.
“Izothatha uhambo oluya eTunisia futhi ngeke kube lula lapho.”
