EzintshaMTN8Orlando Pirates

IPirates iyikhombise okwabonwa uSawula iSekhukhune

I-Orlando Pirates iqede umsebenzi wayo ngendlela encomekayo, ishaya iSekhukhune United ngo 3-0 emlenzeni wesibili womdlalo owandulela owamanqamu kwiMTN8 e-Orlando Amstel Arena ngoMgqibelo.

Lo mphumela wenze iPirates yanqoba ngo 4-0 sekuhlanganiswe imiphumela yemidlalo emibili, yaqinisekisa indawo yayo kowamanqamu weMTN8 okwesihlanu kulandelana.

IPirates ibiphethe umdlalo kusukela ekuqaleni. UThapelo Mokobodi uvule amagoli ngomzuzu ka-36.

UGamphani Lungu wengeze elesibili emizuzwini emibili ukusuka lapho – bobabili bebephakelwe kwahle amabhola nguYanela Mbuthuma.

ISekhukhune iye ekhefini isivele ilandela emuva ngo 2-0.

Leli qembu laseLimpopo belibhekene nomsebenzi onzima ngemuva kokuhlulwa yi-Orlando Pirates emlenzeni wokuqala nakuwo umdlalo weligi ekuqaleni kwesonto.

IPirates iqinisekise ukunqoba kwayo ngesiwombe sesibili ngesikhathi uKamogelo Sebelebele eshaya igoli lesithathu sekubalwa amanenjana kuphele umdlalo.

Lokhu kusho ukuthi iPirates isinqobe iSekhukhune kathathu ngesonto elilodwa.

Iphinde yaqopha umlando ngokufinyelela kowamanqamu weMTN8 okwesihlanu kulandelana, okuyimpumelelo engakaze ibonwe kulo mqhudelwano.

Manje amehlo asephendukela komunye umdlalo wowandulela owamanqamu phakathi kweMamelodi Sundowns neGoldena Arrows.

Nawo uzonquma ukuthi ubani ozobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu. I-Arrows ihamba phambili ngo 1-0.