EzintshaOrlando Pirates

UJosé Riveiro uveza icebo adla ngalo kwiChampions League

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosé Riveiro uthi ukulwa — hhayi ukudlala ibhola elihle — yikho okuqhube iqembu lakhe laze lafika la likhona kwiCaf Champions League.

AmaBhakabhaka azokwamukela i-MC Alger ngoLwesibili ebusuku e-Orlando Stadium ngo-6 ntambama emlenzeni wesibili womdlalo wama-quarterfinal.

I-Orlando Pirates ihamba phambili ngo 1-0 kulandela umdlalo womlenze wokuqala eyawunqoba ekuhambeni e-Algeria.

Kulo mdlalo kwadingeka imelane nengcindezi enkulu njengoba iMC Alger yayibuya iphindelela iyihlasela.

UJosé Riveiro ukholwa ukuthi ikhono le-Orlando Pirates lokubekezelela ingcindezi, ikakhulukazi uma iseNyakatho Afrika, yisona sikhali sabo esiyimfihlo.

“Akukhona ukudlala kahle (okubalulekile). Okubalulekile wukusebenza ngokuzikhandla, ulwele umphumela,” kusho uRiveiro kwabezindaba.

I-Orlando Pirates ikhombise ukukwenza lokhu emzuliswaneni wamaqoqo ngesikhathi inqoba ngo 2-1 ibhekene neCR Belouizdad ne-Al Ahly. 

Kukho kokhubili lokhu kunqoba beyingekho ekhaya futhi kusize amaBhakabhaka aqeda eqhwakele kuGroup C.

UJosé Riveiro uvumile ukuthi ukudlalela umphumela yiyonanto ebalulekile kuleli zinga lebhola.

“Usuke udlala namaqembu ayisishiyagalombili ahamba phambili e-Afrika,” kuqhuba yena.

“Kuzoba nezikhathi lapho sizocindezeleka khona. Kufanele sizivikele bese sikholwa ukuthi singakwazi ukunqoba.”

Unxuse iqembu lakhe ukuthi lithole ugqozi ekunqobeni kwangaphambilini yize belinengcindezi.

Lo mqeqeshi odabuka eSpain unethemba lokuthi bazokwazi ukuyivimba i-Algers okulindeleke ibahlasele ngawo wonke amandla.

“Ngisho noma bengawulawula umdlalo, siyazi ukuthi singabavimba kanjani,” kwengeza uRiveiro.

UJosé Riveiro ulithembile iqembu lakhe ukuthi lizokwazi ukumelana nengcindezi bese liyadlula liye kowandulela owamanqamu.

Lapho selilindwe khona elinye iqembu laseNyakathi Afrika, iPyramids FC yase-Egypt.