
UBongani Zungu uveza okwamcika kwiWydad, washiya phansi
UBongani Zungu usechaze ukuthi kungani agcina eshiye isigubhukane kwi-Wydad Athletic okwakubhekwe ayijoyine.
Lo mdlali wasesiswini waMaZulu FC wayejima nalezi ziqhwaga zaseMorocco maphakathi nale sizini.
Lo mdlali, obuye aziwe ngelika ‘Ben 10’, ujoyine AmaZulu maphakathi nesizini ngemuva kokuhlala izinyanga ezimbalwa engenaqembu.
Ubeshiye iMamelodi Sundowns ekupheleni kwesizini edlule ngemuva kokungavuselelwa kwenkontileka yakhe.
Ngaphambi kokufika eThekwini, uBongani Zungu uziqeqeshe ne-Wydad Casablanca amasonto ambalwa.
Leli qembu liqeqeshwa nguRulani Mokwena obeqeqesha uZungu kwiSundowns ngesizini edlule.
Ekhuluma neFARPost, uZungu uthe kwakunesivumelwano somlomo ngaphambi kokuthi aye eMorocco.
“Kwaba nesivumelwano somlomo senkontileka, yingakho ngaya khona,” kusho yena.
Nokho uZungu wabona ukuthi le kilabhu isesimweni soguquko ngaleso sikhathi njengoba kwakusaqhubeka uhlelo lokwakha kabusha.
“Abadlali bebengena, abanye bephuma. Ngabona ukuthi kukhona okungahambi kahle,” kuchaza uZungu.
Uphinde wathi awayengafuni ukubambisa udonga amanye amaqembu ayenentshisekelo ngaye.
AmaZulu kanye namaqembu ambalwa aseNingizimu Afrika abe esevele eke amtshela ukuthi ayamdinga.
“Ngangingafuni ukuhlala laphaya isikhathi eside. Ngamtshela umqeqeshi.
“Ngathi kuye, ‘Angisayona ingane. Angikwazi ukulinda nje’, kuqhuba uBen 10.
UBongani Zungu uthe uzithathele yena isinqumo sokubuyela eNingizimu Afrika futhi akamazisanga kwaMokwena.
“Umqeqeshi uRulani nami asizange sikhulume ngakho. Ngavele ngahamba,” kwengeza yena.
Selokhu ejoyine AmaZulu, uZungu usedlale imidlalo engu-14 kuyo yonke imiqhudelwano.
Lo mdlali wasesiswini onamava usegxile ekusizeni AmaZulu aqede isizini esendaweni ehlonipheile.
Naphezu kokuphuthwa yithuba lokudlala kwiWydad, ubonakala enelisekile ngesinqumo sakhe.
