
U-Ouaddou uveza ‘okumcike’ washiya iGallants
Obengumqeqeshi weMarumo Gallants, u-Abdeslam Ouaddou, useveze ukuthi kungani eshiye leli qembu.
Lo mqeqeshi ulishiya nje leli qembu usanda kulisiza ukuthi lihlale kwiBetway Premiership ngokuligwemisa izembe.
Lo mqeqeshi ongowokuzalwa eFrance kodwa engowaseMorocco uthi iGallants ayizange isihloniphe isivumelwano abebenaso ngomholo wakhe.
U-Ouaddou ujoyine iMarumo Gallants ngoMashi. Isikhathi sakhe esifushane sisize leli qembu ukuthi ligweme ukwehlela esigabeni esiphansi.
Bekulindeleke ukuthi ahlale eminye iminyaka emibili. Kodwa izinto zaphenduka ngokushesha.
Ekhuluma kwiSports Night Amplified no-Andile Ncube kwiMetro FM, lo mqeqeshi oneminyaka engu-46 uthe iigomo yenkontileka yakhe yephuliwe.
“Ngibe nomhlangano eGoli nosihlalo,” kusho u-Ouaddou. “Kulapho ngatshelwa ukuthi iqembu ngeke likwazi ukukhokha umholo wami ngesizini ezayo.”
Uthi ngoba ebona ikusasa naleli qembu, wacela ukuthi kuxoxiswane kabusha.
“Ngiyabathanda abadlali nabantu nje baseBloemfontein. Ngakho ngicele isivumelwano esisha.
“Kodwa leso sivumelwano besinombandela engingawuthandi neze,” wengeza lo mqeqeshi.
Ngokusho komqeqeshi, iGallants ifune ukufaka umbandela wokuthi inxeshezelwe ngo-R1-million uma efuna ukushiya. Lokhu akuzange kumjabulise.
“Angiyena umdlali mina. Abadlali bayathengiswa. Abaqeqeshi basebenza ngookubekelwa imigomo.
“Uma ngisayine iminyaka emibili, ngifuna ukuhlala leyo minyaka emibili,” kuchaza yena.
Lo mqeqeshi owake wadlala kwiLigue 1 eFrance, nasethimbeni lesizwe laseMorocco uveze ukungayizwa eyalo mbandela.
Uthe akulungile ukuthi amaqembu axoshe abaqeqeshi uma benemiphumela emibi bese ibanxephezela ngomholo wezinyanga ezimbili.
Angakuzwa kakhulu wukuthi amaqembu wona afune ukukhokhelwa imali esile uma umqeqeshi ezihambela ngokwakhe.
“Uma ngenza kahle, nifuna ukungithengisa ngo-R1 million. Lokho akulungile neze,” kuqhuba yena.
U-Ouaddou umemezele ngokusemthethweni ukuhoxa kwakhe kwiMarumo Gallants ngesonto eledlule ngesitatimende.
IGallants iphendule yathi ayizange yaziswe ngalokhu, futhi yasabisa ngezinyathelo zomthetho.
Umqeqeshi uthi akakaze axoxe neqembu kusukela esulile esikhundleni sakhe.
Uthi ubefuna yena ukuhlala, kodwa akakwazanga ukusebenza ngaphandle kokucaciseleka ngokwezemali.
SITHOLE NAKU-FACEBOOK | Lisenethini.co.za
“Uma umuntu ekutshela ukuthi ngeke akwazi ukukhokha umholo wakho, unezinketho ezimbili kuphela – ukuhlala noma ukuhamba,” kusho yena.
