
Ezikhathazayo kwiPirates ngomunye wabadlali abamqoka
I-Orlando Pirates ingase ihlale isikhathi eside ingenaye omunye wabadlali bayo abamqoka nababe nomthelela omkhulu kwimpumelelo yangesizini edlule.
Lo mdlali kumanje ungomunye wabangekho eqenjini kulandela ukulimala kanti manje kuvela ukuthi kungenzeka sande isikhathi azosihlala ngaphandle.
Sekuvele ukuthi ukulimala edolweni kukaThalente Mbatha kubi kakhulu kunalokho obekucatshangwa ekuqaleni.
Kubikwa ukuthi lo mdlali ubhekene nesikhathi eside engadlali, njengoba sekucatshangwa nokuthi ahlinzwe.
UMbatha ube ngumdlali obalulekile kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule.
Udlale imidlalo engu-22 yeBetway Premiership, waqala engu-20 kuyo, wadlala imizuzu engu-1 596.
Ithonya lakhe belingagcini ngokuhlasela. Ngesikhathi esenkundleni, iPirates ishaye amagoli angu-39, yangenelwa ayisithupha kuphela.
Lokhu kukhombisa ukubaluleka kwakhe eqenjini njengoba bekunguye injini esiswini.
Ngakho-ke, izindaba zokuthi ukulimala kwakhe kungase kudinge ukuhlinzwa ziyizindaba ezikhathazayo kumaBuccaneers.
Ngokombiko weSoccerBeat, uMbatha ubhekene nesikhathi eside engaphandle ngenxa yokulimala edolweni.
Uma ehlinzwa, iPirates ingase ilahlekelwe ngomunye wabadlali bayo ababalulekile isikhathi eside.
- FUNDA NALA | UCardoso ugadle kwabagxeka uMathews
Nokho ke bekungathi i-Orlando Pirates iyakupopola lokhu kulimala kukaMbatha njengoba iqinise ngabadlali ababili asebefike basivala isikhala sakhe.
Ilande uMthetheleli Mthiyane noThapelo Mokobodi kwiStellenbosch FC, kanti basayibambe kahle njengamanje.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
