
Izimbangi zePirates neChiefs kweyeCaf seziqinisekisiwe
Izimbangi ezingomakhelwane eSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs kuzofanele zisebenze kanzima ukuze zingene esigabeni samaqoqo emiqhudelwaneni yeCaf.
I-Orlando Pirates kuzomele idlule eqenjini laseDemocratic Republic of Congo, iSt Eloi Lupopo uma izoqhubekela phambili kwiCaf Champions League.
AmaBhakabhaka avimbeke kweyandulela owamanqamu ngesizini edlule lapho ekhishwe khona yiPyramids FC yase-Egypt egcine ibe ngompetha.
Kulindeleke ukuthi aqhubekele phambili kule sizini neqembu eliqinisiwe kabusha, nomqeqeshi omusha e-Adbeslam Ouaddou.
I-Orlando Pirates isivele ikhombisile ukuthuthuka okuthile kuleli nasebholeni lezwekazi.
Isivikele kalula isicoco sayo seMTN8 futhi futhi seyikhuphukele endaweni yesithathu kwiBetway Premiership, yaphinde yadlulela emzuliswaneni olandelayo kwiCarling Knockout.
KwiChampions League, ikhiphe ompetha baseLesotho, Lioli FC ngo 7-0 emilenzeni emibili emzuliswaneni wokuqala wokuhlunga.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
IPirates izoqala ngokuvakashela iSt Eloi Lupopo ngo-Okthoba 17. IMamelodi Sundowns nayo izoqala umkhankaso wayo kulo mzuliswano.
Yona izovakashela iqembu laseNigeria iRemo Stars ngosuku olufanayo.
KwiConfederation Cup, iKaizer Chiefs ikwazile ukudlulela emzuliswaneni wesibili kweyokuhlunga ngokuhlula iKabuscorp yase-Angola sekukhahlelwa amaphenathi.
FUNDA NALA | Inkakha ibona kumele ligcwale umoya kuCardoso
Manje seyizobhekana neqembu laseDR Congo, i-AS Simba emzuliswaneni wesibili wokuhlunga futhi izoqala ngomdlalo wasekuhambeni nango-Okthoba 17.
Elinye iqembu elimele iPSL kwiConfed Cup, iStellenbosch FC lizohlangana neFC 15 de Agosto de Akonibe yase-Equitorial Guinea ngosuku olufanayo.
