
UBernard Parker ubhoboka ngokulinyazwa kwakhe uZungu
UBernard Parker usekhulume okokuqala ngesigameko esacishe saqeda ngaye ebholeni engakazimiseli ukuyeka ukudlala.
Ngenkathi esekwiTS Galaxy lapho ayeseminyakeni yakhe yokugcina njengomdlali, uBernard Parker wabandakanyeka esigamekweni esibi.
Kwakusemdlalweni weCarling Knockout bebhekene neMamelodi Sundowns ngesikhathi elinyazwa kabuhlungu nguBongani Zungu.
UBernard Parker waphuka umlenze, kodwa okwamangaza abaningi ukuthi uZungu akazange abonise ukuzisola ngakwenzile.
Kunalokho wabonakala elwisa unompempe emsola ngokumkhipha ngekhadi elibomvu ngenxa yalesi sigameko.
Ngisho nangemva kwalokho, uZungu akakaze akhombise ukuzisola ngalesi sigameko ngokuthi axolise kuParker.
Manje ekhuluma noMazola Molefe kwiBehind the Boot Podcast, uParker uphumele obala okokuqala ngalesi sigameko.
WINA | Imali yokuqala ibhizinisi lezemfashini neNikNaks
“Ngase ngimxolele mina. Kodwa umuntu ongikhulisayo empilweni wangitshela ukuthi mhlawumbe uma ngingayokhuluma naye kungangisiza ngilulame ngokushesha.
“Lokho kwakungenxa yokuthi nganginakho lokho kimi… Ngangizibuza ukuthi umuntu angakwenza kanjani lokhu kimi futhi angabonisi ukuzisola.
“Kodwa ngesikhathi sizama ukwenza lokho ngangena kwi-Instagram kaBongani ngangamthola – mhlawumbe wayesengivimbile.
“Ngabe sengicasuka kodwa umeluleki wami wathi, ‘cha mhlawumbe singaya eChloorkop siyohlangana naye khona, mhlawumbe niphuze itiye ndawonye ukuze nixoxe’.
“Kodwa ngathi cha, kungani kufanele kube yimi engimlandelelayo, ekubeni ngingakwazi ukwelulama ngaphandle kwakhe,” kwengeza uParker.
FUNDA NALA | IChiefs isolwa ngokuthanda isiNgisi, hhayi ikhono kubadlali
Uphinde waveza ukuthi owayengumqeqeshi weSundowns ngaleso sikhathi uRulani Mokwena wasenga ezimithiyo ngemuva kwalesi sigameko.
“URulani Mokwena waqamba amanga, akazange nje angithumelele umlayezo noma angithinte nganoma iyiphi enye indlela.”
