
Ithelelene amanzi kwiChiefs no-Ernst Middendorp – uyabuya?
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Esinyathelweni esimangazayo nebesingalindelekile, iKaizer Chiefs ibuyisana nomqeqeshi wayo wakudala u-Ernest Middendorp.
Lo mqeqeshi washiya kwiChiefs eminyakeni emihlanu edlule ishiphelene, futhi ekhala ngendlela axoshwa ngayo yize ayecishe wanqoba isicoco seligi.
Umthombo weLisenethini osondelene nabaphathi beKaizer Chiefs uthi sebenqume ukubuyisa u-Ernst Middendorp ngoba wayenze kahle yize agcina ehlulekile ukunqoba isicoco seligi ngesizini ka-2019/20.
UMiddendorp unomlando omude naleli qembu laseNaturena njengoba afikela kulona eqala ukuzoqeqesha kuleli eminyakeni engaphezu kuka-20 edlule.
Waba ngumqeqeshi wokuqala emlandweni webhola laseNingizimu Afrika ukukhipha iChiefs ngaphandle kweTop 8 ngo-2007.
“Lo mqeqeshi angase amenyezelwe yiKaizer Chiefs njengomqeqeshi oyinhloko cishe ngomhla ka-25 kule nyanga,” kusho lo mthombo.
Uthe uzothatha izintambo ngemuva komdlalo womlenze wesibili weCaf Confederation Cup ozoba ngeSonto ntambama eFNB Stadium.
“Kulindeleke ukuthi abe sebhentshini leChiefs ngo-Okthoba 31 uma isidlala neDurban City (eMoses Mabhida Stadium emdlalweni weBetway Premiership).”
Selokhu ashiya kwiKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp usesebenze emaqenjini amaningi ehlukele kuleli waphinde wathi shwi naseTanzania isikhashana.
Umsebenzi wakhe wakamuva ubukwiDurban City lapho abengumqondisi wezokuqeqesha khona.
Kodwa kube yinkontileka emfushane yezinyanga ezintathu ephele sekukubi njengoba ubudlelwano nomqeqeshi uGavin Hunt bese bumuncu.
Ngaphambi kwalokho, uMiddendorp ubengumqeqeshi weCape Town Spurs ayihole yadliwa yizembe isuka esigabeni esiphezulu yaze yayoshona kuma-amesha.
Umlando kaMiddendorp ebholeni ukhombisa ukuthi ungumqeqeshi ongenayo inhlanhla yokunqoba isicoco seligi, kodwa uvame ukuvikisa amaqembu izembe.
FUNDA NALA | Okufunwa u-Ouaddou kwiPirates koweLupopo
Lo mqeqeshi ongowokuzalwa eGermany ubonakale ecosha amanothi emdlalweni weChiefs neSiwelele FC ngoLwesithathu ebusuku.
