AmaZuluEzintsha

UZwane akamfuni umfana onovalo kuMaZulu

U-Arthur Zwane, osanda kuqokwa njengomqeqeshi osebenza ngokubambisana noVusumuzi Vilakazi kuMaZulu FC, ufuna ukuqeda uvalo kuleli qembu. 

Enye yezinto asesheshe wazibona uZwane, oke waqeqesha iKaizer Chiefs, wukuthi ukuzethemba kuphansi Osuthwini. 

Emdlalweni wokuqala ngaphansi kukaZwane noVilakazi, Usuthu luhlulwe lulwile lubhekene neStellenbosch FC kwiCarling Knockout. 

Bazophinde babhekane nelinye iqembu elithanda ukuba wumqansa njengoba beya e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu.

Bayozama ukuba yiqembu lokuqala ukushaya i-Orlando Pirates emidlalweni yeBetway Premiership. 

IPirates ayilivezi izinyo kule sizini emidlalweni yeligi njengoba isayinqobe yonke imidlalo yayo.

Empeleni nje emidlalweni engaphezu kuka-10 kule sizini, iPirates isahlulwe kanye njengoba iguqiswe yiMagesi FC kwiCarling Knockout. 

UZwane uthi bazoyihlonipha iPirates, kodwa ngeke bayisabe futhi ufuna bayixine nje bakhohlwe wukuthi bayizivakashi e-Orlando. 

“Sifuna abadlali bethi badlale ngaphandle kokwesaba,” kusho uZwane ngokuzethemba kuleli sonto. 

“Awukwazi ukudlala kulesi sigaba bese uba nokwesaba. Singahlula noma yiliphi iqembu. 

“Ngiqonde ukuthi buka nje ngempelasonto sidlale kanjani neStellenbosch… Ineqembu elihle futhi ibisanda kudlala owamanqamu la yenza khona kahle. 

“Silwile nabo futhi kukhona okukodwa noma okubili abakufundile kithi. Abazange bazenzele umathanda nje. 

“Uma ubheka la sisuka khona, bekungaba lula uma siqhathwa neStellenbosch ukuthi umuntu athi izozidlulela kalula kithi. 

“Yize bedlulile ekugcineni, kodwa kudingeke bakusebenzele kanzima lokho,” kuchaza uZwane. 

Uqhube wathi ayikho imidlalo elula kulesi sigaba, wathi okwamanje bona basagxilisa amacebo abo kubadlali futhi kuyathembisa. 

Akungabazeki ukuthi ukudlala ngokulingana noma ukunqoba kwiPirates kungaba yinto engabuyisa ukuzethemba kuMaZulu.