EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso ubonge ‘idlozi elihle’ u-Adams iSundowns idla isicoco

U-Miguel Cardoso umangaze abaningi ngesikhathi ebonga umdlali weMamelodi Sundowns oshone ngaphambi kokuqala kwesizini u-Jayden Adams.

UNuno Santos ushaye amagoli amabili ngekhanda ngesikhathi iSundowns ihlula i-Al Ahli ngo-2-1 ngoMgqibelo, yaphakamisa iFIFA African-Asian-Pacific Cup ka-2026.

Ngemuva komdlalo, lo mqeqeshi wasePortugal ukhulume kumabonakude, wagcizelela ukuthi iSundowns ihlonipha ibhola kuphela hhayi elinye iqembu.

Nokho okuthathe amehlo wukubonga kwakhe u-Adams oshone ngokuzibulala esanda kubuya kwiNdebe yoMhlaba.

“Ngalesi sikhathi, asibheke esibhakabhakeni sibonge umfowethu uJayden Adams.

“Kuhle kakhulu ukuthi namuhla usinike amandla engeziwe,” kusho uCardoso.

Ngaphezu kwalokho, lo mqeqeshi uthi iSundowns ayisabi qembu. 

Uthi noma yiliphi eliba phambi kwabo, bazophekana nalo ngokuzethemba nokuzigqaja.

“Kubalulekile ukuthi sihloniphe ibhola, kodwa asihloniphi muntu. Ningangizwa kabi,” kuchaza lo mqeqeshi.

“Ngisho ngokudlala, ukukholelwa kithina, ukuhlonipha okwenzeka enkundleni, ukusebenza kanzima uma siphethe ibhola, ukuthobeka ngalokho kodwa siziqhenye ngokuba yithi.

“Ngitshele abadlali ukuthi ngifuna ukubona iSundowns enkundleni namuhla futhi siyibonile.”

ISundowns manje isizolinda ozonqoba phakathi kweToluca nompetha beCopa Libertadores bes eibhekana naye kwiFIFA Challenger Cup.

Ngaphezu kokubonag u-Jayden Adams, u-Miguel Cardoso uphinde wabonga abalandeli, usihlalo wekilabhu uThlopi Motsepe, abadlali noFlemming Berg.

“Ngiyabonga kakhulu eNingizimu Afrika, ngiyabonga kakhulu kwiMamelodi Sundowns. Lena ngeyalaba bantu abahle abalapha (ekhomba abalandeli), bonke,” kusho yena.

ISundowns manje isiqhubeke nendlela yayo ebheke esicongweni somqhudelwano weFIFA Intercontinental Cup.