
Kuvela okwenze uMiguel walaxaza ibhande kwiKaizer Chiefs
Udaba ngu-Alfred Ngubane
Sekuvele ukuthi u-Inacio Miguel uzicelele yena ukwehla esikhundleni sokuba ngukaputeni kwiKaizer Chiefs, kanti ibhande selithathwe nguBrandon Petersen.
Kuyaqondakala ukuthi umsebenzi wokuhola iKaizer Chiefs bewumsinda u-Inacio Miguel, futhi wabona kumphazamisa emsebenzini wakhe enkundleni.
Lo mdlali wasemuva odabuka e-Angola ungomunye wabadlali asebehlezi bebhekiwe ngabalandeli, futhi ubegxekwa ngokudlala ngendlela engagculisi.
“Kuthiwa okunye ngaye wukuthi uthula kakhulu, akayena umholi, kanti uphinde abe ngomunye wabadlali abajwayele ukuba namaphutha,” kusho umthombo.
“UPetersen nguye osethathe ibhande likakaputeni kanti kulindeleke ukuthi akhuthaze abadlali futhi aqinise ukusebenza kwakhe epalini.”
IKaizer Chiefs iqoke u-Inacio Miguel ukuba abe ngukaputeni ngemuva kokuhamba kukaYusuf Maart, osedlala e-Austria.
Kuzophinde kukhunjulwe ukuthi kumasizini edlule uMaart ubhekane nobunzima njengoba iqembu belingenzi kahle, wathola ukugxekwa okukhulu ngabalandeli.
UMaart ushiye iChiefs eyisize yanqoba iNedbank Cup ngokushaya igoli lokunqoba umdlalo ibhekene ne-Orlando Pirates kowamanqamu.
Umqeqeshi weChiefs, uCedric Kaze ubuzwe ngokaputeni ngemuva kokuthi uPetersen ebonakale egqoke ibhande ngaphambi kukaMiguela noZitha Kwinika emdlalweni wangoLwesithathu.
“Njengabaqeqeshi sinqume ukuqoka uPetersen njengokapteni ukuya phambili,” kusho uKaze nagamfuphi, engafuni ukudalula okuningi ngalolu daba.
FUNDA NALA | IChiefs ibuyisa uMazinyo
UKwinika ubeyiphini likakaputeni kanti uMiguel ubevame ukulinika yena ibhande, ethi umhlonipha njengomdlali omdala eqenjini.
