
Okwenza obecija iChiefs angayiboni embangweni weseligi
UCavin Johnson usevele wayibeka eceleni i-Kaizer Chiefs emjahweni wesicoco seBetway Premiership.
IChiefs ayikahlulwa emidlalweni eyisithupha yeligi, ihlezi endaweni yesine ngamaphuzu angu-12.
Nokho, isalele ngephuzu ayisishiyagalombili ngemuva kweMamelodi Sundowns, yize inemidlalo emibili engakayidlali.
Amakhosi asalele ngamaphuzu amane kwi-Orlando Pirates esendaweni yesibili.
Nakuba leli gebe lingelikhulu kangako, uJohnson akakuboni lokho njengophawu lokuthi iChiefs isemjahweni wesicoco.
“Uma ubheka isimo njengamanje, ngumjaho wamaqembu amabili,” kusho lo owayengumqeqeshi weChiefs kwiFARPost.
“Ngicabanga ukuthi sekuyimidlalo eyisithupha manje. YiSundowns nePirates abasembangweni wesicoco.
UJohnson uncome nokuqala kwaMaZulu FC – elinye iqembu ake walicija – kodwa akayifaki neze i-Kaizer Chiefs engxoxweni yamaqembu enza kahle.
Uveze izizathu ezahlukene, okuhlanganisa nokushintsha njalo kweqembu likaFernando da Cruz nokuthi lo mqeqeshi usafunda ibhola laseNingizimu Afrika.
“Kunzima kakhulu ngoba bashintsha abadlali babo kaningi,” kuchaza yena.
“Ushintsha umdlali oyedwa noma ababili, kwesinye isikhathi babe bathathu emdlaweni ngamunye.
“Isimo sinzima ngoba naye usemusha ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Kusamele afunde okuningi. Sinamasiko ahlukene angu-11 kuleli, kanti yena uvela kwenye indawo.
“Useke wasebenza eMorocco. Yebo, ibhola liyafana emhlabeni wonke — kubhekana abadlali abangu-11 ngapha, nabangu-11 ngale.
“Kodwa ngaphandle kwalelo zinga, sineminye imikhakha nezigaba ezahlukene enkundleni.”
UJohnson uyavuma ukuthi iChiefs ike yabonisa amandla ekuqaleni kwesizini.
“Babe namathuba amahle okushaya amagoli emidlalweni ethile. Bebelungile ngezikhathi ezithile,” kwengeza yena.
“Kepha njengoba sonke sibonile, amaphutha amakhulu abawenzayo ezindaweni ezahlukene yiwona ayinkinga.”
- FUNDA NALA | U-Ouaddou ufuna abancane bafunde kuMofokeng
I-Kaizer Chiefs ayikahlulwa, inemidlalo esandleni, kodwa uJohnson akakayiboni isemjahweni wesicoco seligi okwamanje.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
