
USantos uweze iSundowns inqoba ingxenye yomhlaba
IMamelodi Sundowns isiqophe umlando ngokuba ngompetha beFIFA African-Asian-Pacific Cup ngemuva kokuhlula i-Al Ahli yaseSaudi Arabia ngo-2-1 eLoftus Stadium ngoMgqibelo.
Iqembu likaMiguel Cardoso selithathe elinye igxathu libheke emklomelweni omkhulu, okuyiFIFA Intercontinental Cup.
ISundowns iqale kahle kulo mdlalo, uNuno Santos wayibeka phambili ngegoli alingqofele enethini ngomzuzu ka-17.
I-Al Ahli nokho izibuyise zishisa izinduku ilinganisa ngegoli likaFiras Al-Buraikan alishaye emizuzwini emibili iSundowns ihambe phambili.
Esiwombeni sesibili, umdlalo uvuleke kakhulu njengoba zombili izinhlangothi bezifuna igoli lokunqoba.
I-Al Ahli imoshe amathuba amaningana, yagcina ikukhokhele lokho ngomzuzu ka-79.
UThabang Matuludi ugobe ibhola langena ebhokisini, lahlangana noSantos, obe eselingqofa ngobuchule laye layogaxela enethini ka-Edward Mendy.
Lokhu kunqoba kunike iMamelodi Sundowns indawo kwiFIFA Challenger Cup.
Lapho izobhekana nowinile phakathi kompetha beConcacaf, iToluca, nozonqoba kwiCopa Libertadores.
Uma iMamelodi Sundowns ingawunqoba lowo mdlalo, izodlulela kowamanqamu weFIFA Intercontinental Cup, lapho izobhekana khona nompetha base-Europe, iParis Saint-Germain.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
