
Okufunwa u-Ouaddou kwiPirates emdlalweni ‘omkhulukazi’
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usenxuse abadlali bakhe ukuthi bathole baqinisekise ukuthi bashaya amagoli emdlalweni awuchaze njengomkhulukazi kule sizini.
AmaBhakabhaka azobhekana ne-St. Éloi Lupopo emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlunga weCaf Champions League ngoMgqibelo.
Kudingeka ijike ukuhlulwa ngo 3-0 okwenzeke emlenzeni wokuqala eKinshasa ngempelasonto edlule.
I-Orlando Pirates inyuse ukuzethemba kwayo ngokunqoba ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ihlula iPolokwane City ngoLwesithathu.
Kodwa u-Ouaddou akazange ajabule ngenani lamathuba ahlule i-Orlando Pirates kulo mdlalo, ekhomba amathuba amoshwe ngu-Evidence Makgopa noYanela Mbuthuma.
“Besifuna ukushaya amagoli amaningi,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo kwabakamabonakude.
“Sibe namathuba amahle okubulala umdlalo. Leyo yindawo okufanele sizithuthukise kuyo — ikakhulukazi kulo Mgqibelo. Sidinga ukushaya amagoli amaningi.”
Lokhu kunqoba kwenze i-Orlando Pirates yafinyelela kumaphuzu angu-18 emidlalweni eyisishiyagalombili kiligi.
Kepha konke okugxilwe kukho manje umsebenzi oyihlalele kwiChampions League ngoMgqibelo. Umdlalo use-Orlando Stadium kanti uzoqala ngo-3 ntambama.
U-Ouaddou ulishintshile iqembu eliqale owePolokwane City ukuze agcine ezinye zezihlabani zakhe eziphezulu zisesimweni esifanele ngaphambi kwalo mdlalo obalulekile.
Uphinde wakhipha isicelo esibheke kubalandeli: “Sidinga abalandeli ngemuva kwethu. Ngethemba ukuthi inkundla izogcwala phama.
“Ngumdlalo obalulekile emlandweni weqembu. Sidinga ukushaya amagoli amane — ngeke kube lula, kodwa sizobe sikulungele.”
FUNDA NALA | UKaze ucacisa eyokungabonakali kukazakwabo kwiChiefs
I-Orlando Pirates inemizuzu engu-90 yokuthi yenza isimanga ukuze igcine iphupho layo lale ndebe yezwekazi liphila.
