Banyana BanyanaEzintsha

IBanyana isisondele kwiNdebe yoMhlaba ka-2027

I-Banyana Banyana isithathe elinye igxathu elikhulu elibheke kwiFIFA Women’s World Cup ka-2027 ngemuva kokushaya iNigeria ngo 2-1.

Lokhu kunqoba kuyenze yathola indawo kuma-inter-confederation play-offs, lapho izolwela khona elinye ithuba lokungena kwiNdebe yoMhlaba.

IBanyana yaphoqeleka ukungena kule ndlela ngemuva kokuhlulwa yiMorocco kuma-quarter-final eWAFCON, okwaqeda amathuba ayo okuthola indawo ngendlela eqondile.

INigeria nayo ibingene kule midlalo yokuhlunga ngemuva kokuhlulwa yiCameroon kwiWAFCON.

Umqeqeshi uDesiree Ellis wenze ushintsho olulodwa eqenjini lakhe, waqala noRonnel Donnelly okokuqala kulo mqhudelwano esikhundleni sika-Isabella Ludwig.

INingizimu Afrika ibiphethe umdlalo isikhathi esiningi esiwombeni sokuqala kodwa yahluleka ukwakha amathuba acacile.

Igoli lokuqala lifike sekusele imizuzu emine ngaphambi kwehora.

UHilda Magaia ugijime ngakwesokunxele ngaphambi kokudlulisela kuThembi Kgatlana, washaya igoli lakhe lesithathu kulo mqhudelwano.

INigeria icishe yalinganisa ngomzuzu ka-74, kodwa uKaylin Swart walivimba ibhola likaKanu.

I-Banyana Banayana yaphinda yashaya igoli ngomzuzu ka-77. UKaputeni uRefiloe Jane nguye oshaye leli goli. 

Nokho yena uJane uphinde wakhishwa ngekhadi elibomvu esikhathini esengeziwe ngemuva kokubamba ibhola ngesandla, wadala iphenathi.

U-Uchiebe ube eseyinamathisele enethini leyo phenathi, kodwa lokho akuzange kushintshe umphumela.

I-Banyana Banyana manje izolungiselela ama-inter-confederation play-offs aqala ngoNovemba la inethuba lokuzibekisela khona indawo kwiNdebe yoMhlaba.

Kunamaqembu amahlanu avela kwamanye amazwekazi azobe emi phakathi kweBanyana nendawo kwiNdebe yoMhlaba.

IGhana nayo igcine amathemba ayo ephila ngemuva kokushaya i-Ivory Coast ngo 2-1 eCasablanca.