
‘Inkosi yeCarling KO’ uChipezeze udalula imfihlo yezindondo
Ngu-Alfred Ngubane
Unozinti weMagesi FC, u-Elvis Chipeze, usevule isifuba ngokudlala kahle kwakhe nezinselelo iqembu lakhe ababhekene nazo njengeqembu kule sizini.
UChipezeze usephenduke ‘inkosi yeCarling Knockout’ ngemuva kokuwina izindondo zokuba yiMan of the Match amahlandla ayisithupha eminyakeni emibili.
Ekhuluma neLisenethini ngokukhethekile, u-Elvis Chipezeze uthi akakhuphuli amasokisi akhe uma edlala kwiCarling Knockout kuphela.
“Ngisebenza kanzima ukusiza iMagesi iphumelele, kungakhathalekile ukuthi sidlala kwiMTN8, iNedbank Cup, iCarling Knockout, noma iBetway Premiership,” kusho uChipezeze.
Lo makadebona ongunozinti uthi ukudlala kwakhe ngokuzimisela ngaso sonke isikhathi kungenxa yokulangazelela kwakhe impumelelo yeqembu.
“Abadlali beMagesi bayazi ukuthi uma ngikhona ngikhona. Ukuthi izinto azihamnbi kahle noma zihamba kahle, ngihlezi ngikhona,” kuqhuba yena.
U-Elvis Chipezeze ubalule ukulwa kwakhe nokuhlezi ezimisele ngokuthi yikho okumnqobise izindondo eziningi kwiCarling Knockout.
“Isizathu sokuthi ngiwine iMan of the Match amahlandla ayisithupha yingoba bengilwela ukuqinisekisa ukuthi asihlulwa kodwa siwunqobe umdlalo.
“Ngesizini yethu yokuqala kwiBetway Premiership, siwine iCarling Knockout ngokusebenza kanzima,” kunezezela uChipezeze.
Nokho lo nozinti waseZimbabwe uzwakalise ukuphoxeka ngokusheshe baphume kule ndebe kule sizini.
Bawashiswe ijezi yi-Orlando Pirates okuyiyo abaphakama ngayo ngesizini edlule – kulokhu yabagoba.
“Ukukhishwa kwethu kwiCarling Knockout kungidumazile ngoba bengifuna siyivikele le ndebe, kodwa sizame konke okusemandleni ethu futhi sehlulekile.”
UChipezeze uphinde wakhomba ukungabi nozinzo ebhentshini labaqeqeshi njengento ephazamisayo eqenjini.
“Ukushintsha njalo kwabaqeqeshi kusilimazile. Siqale isizini yethu yokuqala noClinton Larsen,” kuqhuba lo nozinti.
“Wayesikhuphule esisusa kwiMotsepe Foundation Championship, kwase kufika u-Owen Da Gama, manje sekunguJohn Maduka, osazama ukuhlanganisa iqembu.”
FUNDA NALA | U-Ouaddou uchaza eyokulawula umbango kaHotto noNdaba
Naphezu kwezinselelo, uChipezeze usazibophezele ekusizeni iMagesi ukuthi iqhubeke nokukhula emkhankasweni kwiBetway Premiership.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
