
ElaseSpain lisha amashushu ngesihlabani seSundowns
Elinye lamaqembu aseSpain anomlando ocebile kubikwa ukuthi lisha amashushu ngesinye sezihlabani zeMamelodi Sundowns.
ISevilla FC kuthiwa iqaphe ngeso lokhozi umdlali wasesiswini weBafana Bafana neSundowns uJayden Adams.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala usesheshe waphenduka umdlali omqoka kwiMamelodi Sundowns ayijoyine esuka kwiStellenbosch FC ngoJanuwari.
Futhi manje kuvela ukuthi ukudlala kahle kwakhe sekudonse amehlo alezi zinkunzi zase-Europe, ngokubika kweSoccerLaduuma.
Kubikwa ukuthi izinhloli zeSevilla e-Afrika sekunesikhathi zilandelela u-Adams futhi muva nje zifake izincomo ukuba leli qembu leLa Liga limthenge.
“Kuthe lapho le kilabhu ibheka amavidiyo akhe, yahlabeka umxhwele. Manje sebevelile ukuzozwa ukuthi engathengeka kanjani,” kusho umthombo.
ISevilla, enerekhodi lolunqoba izicoco eziyisikhombisa ze-Uefa Europa League, kuthiwa inentshisekelo enkulu ngo-Adams.
Nokho kukhona okungase kube yisithiyo esikhulu kule ntshisekelo yayo – iMamelodi Sundowns ingase ingavumi ukumdedela okwamanje.
Omunye umthombo okuthiwa ungaphakathi kwiSundowns uveze ukuthi leli qembu libona u-Adams njengomdlali obalulekile nelakhela phezu kwakhe.
Kuthiwa kucatshangelwa ukuthi njengoba umakadebona uThemba Zwane esesondele ekutheni awahenge emgibeni amakhokho, u-Adams kubhekwe athathe indawo yakhe.
“Bakha iqembu ngaye uJayden. Ngeke kube lula ukumdedela, ikakhulukazi ngemuva nje kokumsayina kanzima,” kusho umthombo.
Phela iStellies yayingafuni ngalo mdlali wayo njengoba nayo beyibheke ukwakhela kuye ukuze igcine iyiqembu elikhulu.
Nokho ize yagcina ilugobile uphondo ngemuva kokuthi kwayena umdlali eveze isifiso sokuyozizwa amandla kwelinye iqembu elinothe ngabadlali abanohlonze.
Usefike kwiSundowns waba ngomunye wabadlali abayizethenjwa zikaMiguel Cardoso okuzokwenza kube nzima ukuba adedelwe.
