EzintshaOrlando Pirates

UJosephs uveza ababili afisa ukubabona kwiPirates

UMoeneeb Josephs unomuzwa wokuthi i-Orlando Pirates ingaqina kakhulu uma yengeza izihlabani ezimbili zeBafana Bafana o-Oswin Appollis noFawaaz Basadien emxhakeni wayo.

I-Orlando Pirates ijabulise abalandeli ngebhola layo elihlaselayo kwiBetway Premiership nasezindebeni kulamasizini amathathu.

Iqinise isithunzi sayo njengeqembu elingongoti bezindebe, njengoba isinqobe izindebe ezinhlanu kumasizini amathathu kuze kube manje.

Kodwa njengoba umqeqeshi uJose Riveiro esezohamba ekupheleni kwesizini, kulindeleke ezinye izinguquko ezinkulu. 

UMoeneeb Josephs uthi lezi ziqhwaga zaseSoweto zidinga ukuba neqembu eliqinile njengoba zilungiselela ukubuyela emqhudelwaneni wezwekazi.

“Uma uzoqhudelana kwiCaf Champions League, udinga ukuqina nokujula kweqembu,” usho kanje kwi-Soccer Beat podcast.

UJosephs ukholwa ukuthi uBasadien, umdlali wasemuva kwesokunxele weStellenbosch FC, angaba ngumdlali omqoka kweZimnyama.

“Udlala ngendlela engaguquki isizini yonke,” kuqhuba le ngqwele eyayingunozinti ngezikhathi zayo. 

“Unguchwepheshe wamabhola abekwe phansi, kanti unenjini, uyakwazi ukwehla enyuka ohlangothini esiza uma kuhlaselwa noma kumakwa.” 

Ubona nomdlali ohlaselayo wePolokwane City u-Appollis engafike engeze isinongo esibalulekile kwiBucs. 

Phambilini iPirates ike yazama ukumthola lo mdlali kodwa imizamo yayo ayangaphumelela.

“Uma uRelebohile Mofokeng ethuthela e-Europe, u-Appollis engayivala kahle indawo yakhe. 

“Uyashesha futhi uyakwazi ukudlala indawo kaNo.10 noma abe umgadli ocashile, futhi uyadlala nasezimpondweni,” kusho uJosephs.

“Uzokwengeza umbango wendawo yokuqala umdlalo lapho kudlala khona uKabelo Dlamini noPatrick Maswanganyi.”

Njengoba sekusondele ukusongwa kwesizini la i-Orlando Pirates kubhekwe ibe matasa, uMoeneeb Josephs uyeluleka ukuthi ingabakholwa laba badlali.

 Ubona bengaliqinisa kahle iqembu layo ngoba indlela abadlala ngayo iyahambelana nesitayela sayo.