EzintshaKaizer Chiefs

UMonyane ubonga abeChiefs, unesethembiso ngesizini ezayo

Umdlali wasemuva we-Kaizer Chiefs, u-Thabiso Monyane, uzwakalise ukubonga kubalandeli baleli qembu kulandela isizini yakhe yokuqala.

Lokhu kungemuva kokuthi enze ushintsho olungajwayelekile esuka ezimbangini i-Orlando Pirates ewelela eNaturena ekuqaleni kwesizini.

Ukufika kwakhe kulandelwe imibono exubile, abaningi bebuza ukuthi angakwazi yini ukubuyela emgqigqweni wakhe.

Nokho u-Thabiso Monyane uphendule abebemgabaza ngokuba nesizini eqinile kwi-Kaizer Chiefs, wadlala imidlalo engu-20 kuyo yonke imiqhudelwano. 

Ebhala kwi-Instagram uMonyane ubonge abalandeli baMakhosi ngokumeseka abamkhombise khona.

“Khosi Nation! Ngiyabonga ngokungamukela ngezandla ezifudumele kule sizini, uthando lwenu lungefaniswe,” kubhala uMonyane.

“Kokuhle nokubi, nime nathi. Lokho akuyona into engingayithatha kancane.

“Le sizini ingifundise okuningi. Asizange senze kahle kukho konke, kodwa sikhulile. 

“Ngizothatha zonke izifundo kulo nyaka futhi ngizisebenzise ukuze ngibuye ngamandla, ngibukhali, futhi ngingcono ngesizini ezayo.

“Ngiyabonga ngenkolelo, ukwesekwa, nomoya womndeni. Ngiyaziqhenya ngokuba yingxenye yaMakhosi.”

Ngemuva kokwakha kabusha ukuzethemba kule sizini, u-Thabiso Monyane usezobheka ukwakhela phezu kwalowo mfutho njengoba i-Kaizer Chiefs ilungiselela umkhankaso omusha.

Amakhosi azobe engaphansi komqeqeshi omusha uFernando Da Cruz ngesizini ezayo, futhi wonke umdlali kuzomele asebenze kanzima ukuze angene eqenjini lakhe.