EzintshaOrlando Pirates

Igwaze ibhece iPirates kwiLioli, u-Ouaddou akanelisekile

Kube uTshegofatso Mabasa iqhawe eshaya amagoli amabili alandelana eduze esiwombeni sesibili – elesithathu lishaywe ngu-Oswin Appollis.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Adbeslam Ouaddou uthe akanelisekanga ngokugcwele yize benqobile. 

“Angicabangi kanjalo. Kusamele siqedele emlenzeni wesibili,” kusho u-Ouaddou uma ebuzwa ukungabe sebewelele emzuliswaneni olandelayo ngalo mphumela. 

“Sibe nomdlalo omuhle futhi silihoniphile icelo lokudlala – ngiyababongela abafana bami.

“Manje kufana nokuthi sisaqede isiwombe sokuqala. Ngeke ngeneliseke ngokugcwele ngoba ngibona sengathi besingashaya amagoli amaningi.

“Asenzanga kahle kulokho, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala la singakwazana ukuvula izikhala zokuya phambili – izikhala ngemuva kwezitobha zabo.

“Kodwa lokho bekungenza yecebo elihle lezimbangi. Ngijabule ngesiwombe sesibili la senze khona izinguquko ezifike nesivinini ezimpondweni.”

Umlenze wesibili walo mdlalo – la iPirates sekumele iqedele khona umsebenzi ekhaya e-Orlando Stadium – uzoba ngoMgqibelo ozayo. 

Umqeqeshi weLioli, uthe umdlalo akukakapheli futhi bazozama ukuyidumaza phambi kwabalandeli bayo basekhaya i-Orlando Pirates.