EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uveza uhlobo angaludingi kwiPirates

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo wabo weNedbank Cup neTshakhuma Tsha Madzivhandila.

Lo mdlalo uzoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo kanti uzoqala ngo-3.30 ntambama.

IPirates isale seyikanisa khona eThekwini ngemuva kokunqoba ngo 2–0 isasha AmaZulu FC khona eMoses Mabhida Stadium ngoLwesibili. 

Njengoba isikhathi phakathi kwemidlalo sisincane, u-Ouaddou angase aphoqeleke ukushintsha iqembu lakhe kulo mdlalo.

Muva nje uYanela Mbuthuma nguye obonakala ethandwa yilo mqeqeshi ukuhola ukuhlasela kweqembu ngaphambi kuka-Evidence Makgopa. 

Ngemuva kwabo kukhona uBoitumelo Radiopane bese kuba khona nomdlali omusha u-Andre de Jong okwazi nokudlala njengeNombolo 10.

U-Ouaddou uncome abagadli bakhe ngekhono labo lokudlala noma lingekho kubo ibhola, echaza uMbuthuma njengomdlali wesimanje.

“Lolu hlobo lwebhola lapho umgadli elinda khona ebhokisini seladlulelwa yisikhathi,” kusho u-Ouaddou. 

“Kufanele ube ukwazi ukuyaluza, usebenze kahle, futhi usebenzele iqembu ngokuzikhandla.”

Lo mqeqeshi waseMorocco ukugcizelele ukuthi ukucindezela kuqala phambili, abagadli kube yibo abaqala ukumaka.

“Wonke umuntu uyasebenza eqenjini lethu. Yingakho sinamandla nje,” kuqhuba yena.

Wengeze ngokuthi abadlali abangakwazi ukucindezela, ukugijima nokwakhela ozakwabo izikhal abanayo indawo ohlelweni lwakhe.

“Umuntu ovilaphayo akakwazi ukudlala ibhola elisezingeni eliphezulu, ngakho akakwazi ukudlala eqenjini lami,” kusho yena.

Yize lokhu kungenzeka kube yisitatimende esimsulwa nje, sibukeka sicacisa ngokuthi kungani leli qembu likhulule uTshegofatso Mabasa.

Njengoba ikhono lakhe lokuqeda lingangabazeki, uMabasa uzithole eselizwa ngendaba ijezi kwiPirates kule sizini wagcina ebolekiswe kwiStellenbosch FC.