Inkakha ithi iPirates isimtholile ‘uSaleng’ kumdlali omusha
Owayengumgadli we-Orlando Pirates uJames Mothibi ukholwa ukuthi kungenzeka ukuthi leli qembu selimtholile u-Monnapule Saleng omusha.
Ukuthuthela kukaSaleng kwiMamelodi Sundowns ekuqaleni kwalo nyaka kushiye igebe elikhulu eqenjini lePirates nabalandeli basala bephoxekile.
Nokho, uMothibi uthi abakhululeke, usekhona ozosivala khaxa izikhala sakhe – uThapelo Duiker.
UDuiker usanda kujoyina iqembu lenkulisa lePirates esuka kwiJames Mothibi Sports Development Academy.
UMothibi uveze ukuthi yena ngokwakhe uncome lo mfana kumqeqeshi u-Abdeslam Ouaddou ngesikhathi somqhudelwano iPirates Cup.
“Ngakwazi ukuhlala phansi nomqeqeshi emqhudelwaneni wePirates Cup lapho ngincome khona umfana obizwa ngoThapelo Duiker,” kusho uMothibi kwiSoccer Laduma.
Lo mgadli wakudala uthi i-Orlando Pirates ayizange ichithe isikhathi ukumthatha lo mdlali osemncane ngemuva kokubona ikhono lakhe.
Ngokusho kukaMothibi, indlela uDuiker adlala ngayo ifana ncamashi neka-Monnapule Saleng, okumenza abone ezosivala isikhala sakhe kwi-Orlando Pirates.
“Ungomunye wabadlali abadlala njengoSaleng futhi ungowasendaweni eyodwa noSaleng, eBloemhof eNorth West,” uqhube kanje.
“Ngihlonze lowa mfana ngabe sengimyalela iPirates. Bamsayina futhi ngiyakutshela, uzombona maduze uThapelo Duiker.”
UMothibi unethemba lokuthi lo mdlali uzokhuphuka maduze angene eqenjini elikhulu kulezi zinkunzi zaseSoweto.
