EzintshaMamelodi Sundowns

ISundowns ishela isibabuli saseBrazil 

I-Mamelodi Sundowns isiqalile izingxoxo zokusayinisa umdlali wasesiswini waseBrazil, uYan Sasse, njengoba iqhubeka nokwakha iqembu elizodlala ngesizini ka-2026/27.

Lokhu kuza ngesikhathi umdlali wasePortugal, uMiguel Reisinho, esesondele ekushiyeni iSundowns ngemuva kokuhluleka ukuthola indawo eqenjini.

UReisinho ufike eChloorkop ekuqaleni kwesizini edlule ehambisana noNuno Santos. 

Kodwa uSantos ukwazile ukuzinza eqenjini, kwathi uReisinho wagcina edlale imidlalo engu-14 kuphela kuyo yonke imiqhudelwano.

I-iDiski Times ibika ukuthi usezingxoxweni zokunqamula inkontileka yakhe, okuzovulela iSundowns isikhala somdlali wangaphandle.

Manje kubikwa ukuthi i-Mamelodi Sundowns isiqale izingxoxo noSasse, osengumdlali otholakala mahhala ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe kwi-Esperance yaseTunisia.

USasse waziwa kahle ngumqeqeshi weSundowns, uMiguel Cardoso, owake wasebenza naye ngesikhathi eqeqesha i-Esperance. 

Ngesikhathi besebenza ndawonye, uSasse wadlala indima enkulu ngesikhathi i-Esperance ikhipha iSundowns kwiCaf Champions League ngo-2024.

Yize lo mdlali ake wanqaba ukujoyina amaBrazilians ngesizini edlule, kubikwa ukuthi manje usekulungele ukuphinde asebenze noCardoso.

Nokho kubukeka kungathi i-Mamelodi Sundowns kuzomele iqinise ulimi njengoba efunwa nangamanye amaqembu aseNyakatho Afrika naseGulf Region.

Uma lesi sivumelwano siphothulwa, iSundowns izobe isithole umdlali onolwazi olunzulu ebholeni lase-Afrika ngaphandle kokukhokha imali yokumthenga.