Ezintsha

UTso Vilakazi useka owokuxoshwa kwabakuleli ngokungemthetho

Owayengumdlali we-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns, u-Benedict “Tso” Vilakazi, useseke umkhankaso wokuthi abantu bakwamanye amazwe abahlala eNingizimu Afrika ngokungemthetho bahambe.

NgoLwesibili kube wusuku lokugcina obelubekelwe ukuba abantu bakwamanye amazwe abangenamaphepha babe sebephumile kuleli. 

Ezingxenyeni ezahlukene zezwe kunemibhikisho ecela uhulumeni ukuthi aqinise umthetho, futhi alusebenze lolu daba.

UVilakazi uthi abantu kumele baqonde ukuthi akukhona ukuthi bafuna ukuxosha bonke abantu bakwamanye amazwe.

“Ngifuna abantu baqonde ukuthi kungani sithi asifuni abantu bakwamanye amazwe abangekho ngokusemthethweni,” kusho uVilakazi.

“Ngizokwenza isibonelo. Muva nje ngiye kwiNdebe yoMhlaba eMexico. 

“Ukuze ngivunyelwe ukungena kulelo zwe kwadingeka ngifake isicelo se-visa. 

“Ngangingeke ngikwazi ukuya eMexico ngaphandle kwamaphepha afanele.”

Uthi okufanayo kufanele kusebenze nakulabo abafika eNingizimu Afrika.

“Asisho ukuthi asibafuni abantu bakwamanye amazwe,” kuqhuba le ngwazi yeBafana Bafana. 

“Esikushoyo ukuthi asifuni abantu abangenamaphepha afanele. Abantu bangafika kuleli, kodwa kumele babe namaphepha afanele ebavumela ukuba bahlale lapha ngokusemthethweni.”

U-Benedict Vilakazi uphinde wasebenzisa ibhola ukwenza isibonelo nokucacisa kahle ulkuthi kungani eseka lo mkhankaso.

“SinoMiguel Cardoso oqeqesha iMamelodi Sundowns. Ungowakwelinye izwe kodwa unamaphepha asemthethweni,” kuqhuba yena. 

“Siphinde sibe no-Abdeslam Ouaddou kwi-Orlando Pirates, futhi siyamthanda ngoba ulapha ngokusemthethweni.

“Siphinde sibe nabadlali bakwamanye amazwe abadlala kwiBetway Premiership. 

“Nabo siyabafuna ngoba banamaphepha afanele. Angikhulumi ngabantu bebhola kuphela. 

“Noma ubani wamukelekile eNingizimu Afrika, inqobo nje uma enamaphepha asemthethweni amvumela ukuba abe kuleli ngokusemthethweni.”

Cishe u-Benedict Vilakazi ungowokuqala kwabezemidlalo ukuphumela obala aphawule ngalo mkhankaso osuse izimpikiswano ezweni.