Bafana BafanaEzintsha

ISafa iphawula ngesicelo sikaPitso sokucija iBafana

Owayengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane usefake ngokusemthethweni isicelo sokuba ngumqeqeshi omusha weBafana Bafana.

Lokhu ukwenze njengoba uHugo Broos kulindeleke ashiye kulesi sikhundla maduze, noma naye afake isicelo sokuqhubeka. 

Lokhu kuvezwe yiSouth African Football Association (Safa) ephephandabeni iSunday World.

Usihlalo wekomidi lezokuqeqesha kwiSafa, uJack Maluleke, ukuqinisekisile ukuthi uMosimane ungomunye wabaqeqeshi abanegama abafake izicelo.

“Ngingakuqinisekisa ukuthi phakathi kwamagama amakhulu abaqeqeshi abafake izicelo zomsebenzi weBafana Bafana kukhona no-Pitso Mosimane. I-CV yakhe ikhona kimi,” kusho uMaluleke.

Uveze ukuthi nakuba uMosimane enolwazi olunzulu nempumelelo enkulu ebholeni, uzodlula kwinqubo efanayo nabo bonke abafake izicelo.

“Siyalazi uthando lukaPitso ngeNingizimu Afrika, siyakwazi akwenzile ebholeni,” kuqhuba uMaluleke.

“Kodwa uzoxoxwa njengabo bonke abanye ngoba nginezicelo ezingaphezu kuka-80.”

ISafa ihlele ukuqedela lolu hlelo uma ithimba selibuya eNdebeni yoMhlaba.

Lokhu kungenxa yokuthi iqembu lesizwe lidinga ukuqoka umqeqeshi omusha ngokushesha.

Kuzodingeka aqale amalungiselelo emidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezoqala ngoSepthemba.

Uma u-Pitso Mosimane eqokwa, uzobuyela ekuqeqesheni iqembu lesizwe ngemuva kokuzakhela igama kwiMamelodi Sundowns nasezifundeni ezahlukene zase-Afrika.