EzintshaOrlando Pirates

U-Appollis uveza imfihlo yakhe noMofokeng enkundleni

U-Oswin Appollis noRelebohile Mofokeng ‘ngamawele’ alalisa izitobha zamaqembu eBetway Premiership obenyoni kule sizini. 

Futhi ngokusho kuka-Appollis, basazoqinisa kakhulu kunalokhu abasakwenzile.

Yibo izethenjwa emkhankasweni omuhle we-Orlando Pirates kule sizini osuvele uthele iMTN8 neCarling Knockout.

Leli qembu lisekhona emjahweni wesicoco seBetway Premiership lapho beshukana khona neMamelodi Sundowns.

Njengoba kubhekwe kwidabhi yaseSoweto nje la bezobhekana khona neKaizer Chiefs ngeSonto, bangabanye babadlali okubhekwe babe nomthelela omkhulu.

Lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala udalule ukuthi ukuzwana kwakhenoMofokeng enkundleni yinto abebevele beyisophile.

“Kusobala ukuthi kuyajabulisa kakhulu. Ngesikhathi ngifika lapha, sakhuluma ngokubambisana.

“Futhi njengoba ubona, izinto ziyasisebenzela enkundleni,” kusho u-Appollis kwiSABC Sport.

“Kodwa futhi kufanele sibonge eqenjini lilonke ngoba liyasisiza ukuthi sikhule futhi sithuthuke.”

Kusukela ekuqaleni kwesizini, bekunezimpawu ezicacile zokuthi laba bobabili bazoba wuhlupho olukhulu.

Njengoba u-Appollis noTsepang Moremi bedlala ezimpondwenio, uMofokeng useshintshele kuNombolo-10.

Lokhu kwenza ukuhlasela kwe-Orlando Pirates kube ngokunzima kakhulu ukukuvimba kule sizini.