
UPuso Dithejane uveza akufunda kuLewandowski
Umdlali wasesiswini weChicago Fire, u-Puso Dithejane, useveze ukuthi uRobert Lewandowski umsiza kanjani ukuthuthukisa umdlalo wakhe.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala usephenduke omunye wabadlali ababalulekile kuleli qembu le-US Major League Soccer.
UDithejane ubekuthola kunzima ukuthola indawo eqenjini ngemuva kokujoyina iChicago Fire esuka kwiTS Galaxy ngoJanuwari.
Ekuqaleni ubelokhu esebhentshini futhi ethola amathuba ambalwa engena umdlalo usuzophela.
Kodwa izinto zishintshile ngemuva kwekhefu leNdebe yoMhlaba ka-2026.
Useqale ukudlala njalo futhi usekhombise umqeqeshi uGregg Berhalter ukuthi ufanelwe yithuba amnike lona.
UDithejane washaya igoli lakhe lokuqala eqenjini ngesikhathi behlulwa ngo 3-2 yi-Inter Miami okudlala kuyo uLionel Messi.
Ngalobo busuku uLewandowski naye wayedlala umdlalo wakhe wokuqala kwiChicago Fire.
U-Puso Dithejane usefomini enhle njengoba eseshaye amagoli amathathu emidlalweni emithathu edlule, uthi ufunda lukhulu kuRobert Lewandowski.
“ULewandowski uyangisiza ekuthuthukiseni indlela yokuqedela amathuba,” kusho uDithejane.
“Ungifundisa ukuthola izikhala ezikahle ukuze ngikhahlele, nokuthi kumele ngenze njani uma ngisebhokisini.
“Yileyo ndlela esifunda ngayo kwizingwazi esizinamava ebholeni.”
UDithejane uthi impumelelo yakamuva yeChicago Fire iqale ngokulungisa indlela abacabanga ngayo.
“Sinemidlalo eminingi ezayo futhi sazitshela ukuthi kufanele siyiwine yonke leyo midlalo,” kusho yena.
- FUNDA NALA | UCardoso ucacisa eyokweya abalandeli
“Konke kusemqondweni. Kumele sibe nomqondo ofanele uma singena emdlalweni futhi singene sizimisele ngokuwina.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
