
U-Ouaddou nesicelo esibalulekile kwabePirates
Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou usecele into eyodwa kubadlali bakhe emdlalweni weCaf Champions League neLioli FC.
Ufuna abadlali bakhe bazibonakalise, bafakazele ukuthi umqgigqo wabo omuhle wakamuva akungoba kuthuke ucilo ezishayisa endukwini, kodwa yingoba beyizinkunzi zohlobo ngenmpela.
I-Orlando Pirates izobhekana nompetha baseLesotho ihamba phambili ngo 3-0 ababashaye ngawo emlenzeni wokuqala eBloemfontein ngempelasonto edlule.
U-Ouaddou, nokho, ufuna iqembu lakhe likhombise ubungcweti futhi lizinikele ngakho konke e-Orlando Stadium ngoMgqibelo uma sebedlala umlenze wesibili.
“Kusasa ngifuna abadlali bami bakhombise ukuphakama, ukukhombisa izinga langempela le-Orlando Pirates,” kusho u-Ouaddou ngoLwesihlanu.
“Njengomqeqeshi angikwazi ukwamukela ukuthi abantu bathuke abadlali bami bethi banconywa mahhala nje. Abadlali bami basezingeni.
“Siyi-Orlando Pirates; enye yamakilabhu ahamba phambili e-Afrika, futhi kusasa ngilindele ukuthi abadlali bami bakukhombise lokho.”
Ngokunqoba kwayo okukhulu ngesonto eledlule, iPirates abaningi bayibona seyingenile emzuliswaneni wesibili wokuhlunga kwiChampions League.
Kodwa lo mqeqeshi odabuka eMorocco usexwayise abadlali bakhe ukuthi bangazethembi ngokweqile, futhi baqhubeke nokuzikhandla nje.
“Abantu bacabanga ukuthi ngoba sihamba phambili ngo 3-0 umdlalo sewuphelile, kodwa kimina, bekuyisiwombe sokuqala nje.
“Kusafanele sidlale isiwombe sesibili e-Orlando Stadium. Ngumdlalo obalulekile futhi ngeke siwuthathe kalula. Kufanele sihloniphe imbangi,” kwengeza u-Ouaddou.
IPirates iya kulo mdlalo neqembu elishintshile, lo mqeqeshi unikeze abadlali abambalwa abebengakabi naso isikhathi esiningi semidlalo kule sizini ithuba.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
UNkosikhona Ndaba uyaqala emuva kwesokunxele, kanti uCamrin Dansin yena uqala esiswini maphakathi nenkundla.
UThabiso Lebitso ubuyele ebhentshini kanti kuqala uKamogelo Sebelebele emuva kwesokudla, noMbekezeli Mbokazi usebhentshini, kwaqala uNkosinathi Sibisi endaweni yakhe.
Ubevele eshilo ke lo mqeqeshi ukuthi angase alishintshe iqembu. Lo mdlalo uqala ngo-3 ntambama.
FUNDA NALA | UKaze uphawula ‘ngokudla uNabi izithende’ kwiChiefs
- Ibophele kanje iPirates (4-3-3): Chaine – Sebelebele, Ndaba, Seema, Sibisi – Mbule, Dansin, Nduli – Appolis, Moremi, Makgopa
- Ebhetshini: Buthelezi, Mbokazi, Lebitso, Hotto, Nemtajela, Mbatha, Maswanganyi, Mbuthuma, Mabasa
