
BUKA: Kulwe abePolokwane City bebanga iS’bonise
Kwenzeke okungalindelekile e-Old Peter Mokaba Stadium abalandeli be-Polokwane City bejikelana bodwa.
Okuxakayo wukuthi bebengabangi umphumela njengoba iqembu labo lishayiwe yize kade lisekhaya.
I-Polokwane City ishaywe AmaZulu FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama.
Lo mphumela ushiye umqeqeshi wayo uPhuthi Mohafe ekhala ngokuthi sebengase bayizwe ngendaba iTop 8 kule sizini.
Nokho ingxabano yabalandeli yona beyingahlangene nomphumela, kodwa bebebanga bodwa.
Ngokubika kwentatheli ye-iDiski Times uLerato Kganyago, umlandeli owine u-R20 000 kwiS’bonise And Win uphume esegadwe amaphoyisa.
Lokhu bekungenxa yokuthi abanye abalandeli bebesho ukumudla luhlaza.
“Umlandeli owine iS’bonise yeBetway namuhla uphume enkundleni esegadwe amaphoyisa,” kubhala uKganyago kwi-X.
“Lokhu bekungoba abalandeli bePolokwane City bebekhala ngokuthi abamazi futhi akumfanele lokhu kuwina.”
Lo mncintiswano uqalwe abaxhasi bePSL iBetway ukuze bagqugquzele abalandeli ukuba bahambele imidlalo futhi bagqoke imibala yamaqembu abo.
Kuqokwa umlandeli oyedwa weqembu lasekhaya ukuba awine u-R10 000 emdlalweni ngamunye.
FUNDA NALA | Ukhonjwa kwiPirates oshiye iStellies
Uma lowo mlandeli evele eyikhasimende leBetway, kude sekwengezwa omunye u-R10 000 bese kuba u-R20 000 seyiyonke.
Bekungokokuqala ke nokho kuvela imibiko yokuthi kube nempi yabalandeli bephikisana nonwinile kulo mncintiswano. Buka ividiyo ngezansi:
