
UMosimane usikaza izinguquko kwiBafana kodwa…
Umqeqeshi omusha we-Bafana Bafana u-Pitso Mosimane useveze ukuthi kungenzeka kube nezinguquko eqenjini njengoba liqala isakhuko esisha.
Nokho, uthi akazukubalahla abadlali abakhe isisekelo sempumelelo yeqembu.
UMosimane, oneminyaka engu-62 ubudala, wethulwe njengongene esikhundleni sikaHugo Broos ngoLwesibili.
UBroos usize iBafana yafinyelela kwi-Africa Cup of Nations kabili kulandelana.
Uphinde wahola iqembu kwiNdebe yoMhlaba la lidlulele esigabeni somkhumulajezi okokuqala.
Umsebenzi wokuqala omkhulu ka-Pitso Mosimane njengomqeqeshi we-Bafana Bafana kuzoba yimidlalo yokuhlungela i-AFCON ka-2027.
IBafana izobhekana neGuinea ekhaya bese idlala ne-Eritrea ekuhambeni ngasekupheleni kwale nyanga.
UMosimane uthi uthole isisekelo esihle eqenjini. Kodwa ufuna ukunikeza amathuba abadlali abangakaze bathole isikhathi esanele eqenjini lesizwe.
“Angifikanga nomshanelo omkhulu ozosanela yonke into,” kusho uMosimane.
“Sinethimba elinesisekelo esihle kakhulu eliye eNdebeni yoMhlaba.
“Yebo, kukhona nokulimala kwabadlali ababalelwa kwabahlanu. Ukulimala okukhulu okwenza bangatholakali.
“Ngicabanga ukuthi niyawazi amagama abadlali abangeke batholakale.
“Ngakho-ke kumele sithole abazovala izikhala, futhi kubalulekile lokho. Asinaso isikhathi esiningi.”
UMosimane uphinde wathi ubheka abadlali abasebenza kahle phesheya kwezilwandle.
“Kukhona amakhono amasha ambalwa, abadlali abenza kahle kakhulu phesheya,” kuqhuba yena.
“Siyabazi futhi siyababheka. Kepha into ebaluleke kakhulu yimidlalo emibili yokuhlungela i-AFCON.”
UMosimane uhlela nokusebenzisa umdlalo wobungani ukuhlola abadlali abangakaze banikwe amathuba.
Ubalule uSamkelo Kabini njengomunye wabadlali abafanelwe yithuba.
“UKabini akakaze anikwe ithuba lokudlala, ngakho-ke nathi kumele simbone,” kusho yena.
“UbekwiNdebe yoMhlaba, akazange alithole ithuba lokudlala, kodwa naye uyingxenye yeqembu.”
Umqeqeshi uthi abadlali abanamava basazoba yingxenye ebalulekile yeqembu.
Ngesikhathi esifanayo, ufuna ukwethula kancane kancane amakhono amasha.
“Sineqembu esilazi kahle mina nawe,” kusho uMosimane.
“Lelo qembu kumele lisiholele ekutheni sihlungelwe i-AFCON.
“Kodwa ngesikhathi siqhubeka, sizonikeza nabanye abadlali amathuba.”
Ukholwa ukuthi umdlalo wobungani uzomnika ithuba elihle lokuhlola iqembu.
Abadlali abaya eNdebeni yoMhlaba kodwa bathola isikhathi esincane nabo bangase banikwe ithuba.
- FUNDA NALA | UNtwari kwabaqalayo kwiKruger koweBucs
U-Pitso Mosimane uthi nomnyango uvulekile kubadlali abangakaze babizwe kwi-Bafana Bafana kodwa abenza kahle phesheya.
“Ngakho-ke banethuba lokuthi babonakale,” kusho yena.
“Kukhona nabanye abangakaze babizwe kodwa asebezikhombisile ezingeni lamazwe omhlaba futhi badlala ezingeni eliphezulu. Lelo yisu lethu.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
