EzintshaOrlando Pirates

I-Orlando Pirates imataniswa nomgadli weGallants

Lezi zinkunzi zaseSoweto kuvela ukuthi zinezinhlelo ezinkulu zokuhlumelelisa kabusha iqembu lazo ngesizini ezayo.

Lokhu kusho ukuthi kunabadlali okuzomele badede indawo kwi-Orlando Pirates ukuze ikwazi ukuba nezikhala zabasha.

Emibikweni yakamuva, sekuvele igama lomgadli wemarumo Gallants njengomunye wababhekwa yileli qembu likaJose Riveiro.

I-Orlando Pirates kubikwa ukuthi seyivele isayine uKabelo Kgositsile weBaroka FC, ozojoyina ekuqaleni kwesizini ezayo ngenkontileka yeminyaka emihlanu.

Manje seyibhekisisa uJunior Zingonga weMarumo Gallants ukuthi ngabe unakho konke yini lokhu ekudingayo ukuze ifake isicelo sokudayiselwa yena.

UZindonga ujoyine iGallants ngoJanwari esuka kwiNsingizini Hotspur yaseSwatini kanti usedonse amehlo ngendlela adlala ngayo.

Yize esashaye igoli elilodwa emidlalweni eyisikhombisa anayo kwiBahlabane Bantwa, kodwa indlela adlala ngayo kuthiwa iyabachaza abePirates. 

“Lo mfana udlala kahle futhi iPirates ngelinye lamaqembu aseqalile ukumbeka iso,” kucashunwe umthombo usho kanje kwiSNL24. 

“Indlela aqatha ngayo, nazikhandla ngayo phambili yiyo esimenze wadonsa amehlo amanye amaqembu.”

Kukhona nabanye abadlali abangaphezu kwabahlanu abamataniswa ne-Orlando Pirates, okuthiwa ibafunela ukuqinisa ngabo ngesizini ezayo. 

Kukhona kukhona umgadli weHungry Lions uMzomuhle Khanyi owenza kahle kwiMotsepe Foundation Championship. 

Kukhona noYanela Mbuthuma weRichards Bay, oFawaaz Basadien noThabo Moloisane beStellenbosch FC, uTsepang Moremi waMaZulu FC noVuyo Letlapa weSekhukhune United. 

Namagama o-Aswin Appolis noThabang Matuludi bePolokwane City, ngokunjalo noSinoxolo Kwayiba weChippa United nawo ayavela.