
UKhoza ugcine isethembiso sesithabathaba kuMofokeng
Ngaphezu kwendondo yokunqoba isicoco seBetway Premiership, u-Relebohile Mofokeng uphume nendlu kanokusho kwi-Orlando Pirates.
Lokhu kulandela ukuthi ayebheje nosihlalo wePirates u-Irvin Khoza ukuthi uma ehluleka ukumwinela iligi, uzomnika u-R200 000.
UKhoza yena wabe esethi uma le ntwana ikwazile ukukwenza lokhu ekuthembisayo, uzoyithengela umuzi noma ngabe owamalini, noma kuphi nezwe.
Lokhu kuvezwe uyise kaMofokeng, uSechaba Mofokeng, ohlelweni lweSuperSport TV iGiants ngempelasonto.
Isivumelwano besicacile: uma iPirates ingayinqobi iligi, uMofokeng uzokhokhela uKhoza u-R200 000.
Kodwa uma iBhakabhaka liba ngompetha, uKhoza uzomthengela indlu ayithandayo.
“Babheja bobabili. Uma bengayinqobi iligi, yena uMofokeng uzonika usihlalo u-R200 000.
“Kodwa wathi uma eyinqoba iligi, usihlalo uzomthengela noma iyiphi indlu ayithandayo,” kusho uSechaba.
I-Orlando Pirates igcine isinqobile isicoco, yaqeda iminyaka engu-14 yendlala. U-Relebohile Mofokeng ube nesandla esikhulu kule mpumelelo.
“Indlu ikhona, usifezile isithembiso sakhe,” kuqinisekisa uSechaba.
Uphinde waveza ukuthi uKhoza umsize kakhulu uMofokeng empilweni, nangaphandle kwebhola.
U-Relebohile Mofokeng ushiye i-Orlando Pirates ngoJulayi wajoyina iRoyal Union Saint-Gilloise yaseBelgium.
- FUNDA NALA | Ithuba lokwesula izinyembezi kwiChiefs neDowns
Ushiye eseshaye amagoli angu-29 emidlalweni engaphezu kuka-120, wanqoba izindebe eziyisikhombisa.
Ngaphandle kwezindebe nesicoco seligi, lo mdlali usethole nendlu ngenxa yokubheja okube yimpumelelo.
- EZISHISAYO!| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
